Now Reading
IMK izobanga ne-IFP okhethweni lokuchibiyela eBaqulusini
Dark Light

IMK izobanga ne-IFP okhethweni lokuchibiyela eBaqulusini

Igidigidi elifika namaqembu amasha kupolitiki livamisile ukushaya lizwele kulawo amadala ikakhulukazi uma lelo qembu lixebuke kwelikade likhona futhi lidlondlobele. UKhongolose unomlando omude walokhu emuva kwenkululeko yowe-1994. Muva nje i-ANC isazikhotha amanxeba ngokusungulwa koMkhonto Wesizwe (MK) ofolosa ngowayenguMengameli uMnu uJacob Zuma. Kuze kube yimanje leli qembu alikethulwa ngokusemthethweni kodwa lapho lisuke lihlangene khona abantu basuke bebulala inyoka. Umbuthano osathathwa njengowokuqala omkhulukazi  ububanjelwe KwaXimba eCato Ridge ngempelasonto ocacisile ngokweseka kwalo. 

Leli qembu kubonakala lingenisa nasezindaweni zasemakhaya njengoba lingenele ukhetho lokuchibiyela kuWadi 2 oPhongolo. UMnu uMlungisi  Simelane weMK ubanga noMnu uVusumuzi Buthelezi we-Inkatha Freedom Party (IFP). Ukhetho luzobanjwa zi-14 kuNhlolanja. KuMasipala Abaqulusi iMK ingenele olunye ukhetho lokuchibiyela kuWard 8 eFilidi lapho ifolosa khona ngomnu uThabo Martin Thwala. 

Umhlaziyi ozimele wokhetho uMnu u-Adkins Michael uthi ukuzalwa kweMK kuzoba nomthelela omkhulu kwezepolitiki futhi akuzoshaya nje kuphela i-ANC kodwa namanye amaqembu kodwa azoshayeka kakhulu iyona i-ANC ne-IFP. “Kukhona omasipala abebelawulwa yila maqembu ngokubambisana namanye okungenzeka ukuthi agcine eselawulwa iMK ngokuzimela,” kusho u-Adkins.

Baxebuka kuKhongolose uma selusemome ukhetho

Okwenzeka eqenjini elibusayo ngokusungulwa kweMK akukusha. Emuva kokhetho lowe-1994 uJenene uBantu Holomisa kwathi emuva kokukhonjwa indlela wasungula i-United Democratic Movement (UDM). Sekungumlando ukuthi kuyinamuhla uHolomisa uephalamende ngethikithi laleli qembu noMnu uNqabayomzi Kwankwa. ekusungulweni kwaleli qembu langenisa kakhulu e-Eastern Cape naKwaZulu-Natal, lifadla ngoMnu uSfiso Nkabinde owayengomunye wabaholi abanohlonze kuKhongolose edabuka eRichmond.  Ngokuhamba kwesikhathi i-UDM igcine isiphethe uMkhandlu omkhulu iNelson Mandela Bay iMeya kunguMnu uMengameli uBobane ongasekho emhlabeni.

Ngowe-2008 owayephume esikhundleni sikaSihlalo kuKhongolose uMnu uMosiuoa Lekota, kulandela ukunqoba kukaMnu uZuma wasungula iCongress of the People (Cope) ngokubambisana noMnu uMbhazima Shilowa, uMnu uMluleki George noMnu uSmuts Ngonyama. ICope ingenise kakhulu ezifundazweni ezisenhla njengeNorth West, iNorthern Cape, iLimpopo nezingxenye ze-Eastern Cape. Ukusungulwa kwayo kwayishaya i-ANC ngoba ezifundazweni eziningi yaba nezihlalo ezingaphezulu kwezimbili.

See Also

Ukusungulwa kwe-Economic Freedom Fighters ngowe-2013 kulandela isinqumo sokuxosha uMnu ujulius Malema emuva kokwehluleka ukuxolisa eqenjini kwayilimaza kumavoti i-ANC. Nakulokhu uMalema usasho ukuthi uzoqhubeka nokuyimisa lubhojozi i-ANC okhethweni. I-EFF isophe ukwenza kahle KwaZulu-Natal lapho ibalula ukungabikhona kobuholi abanohlonze kwe-ANC kwelikaMthaniya njengoMnu uSboniso Duma noNobhala uMnu uBheki Mtolo. Umhlaziyi u-Adkins uthi akubuzwa ukuthi i-EFF iyibheke ngabomvu iKwaZulu-Natal. Uveza ukuthi njengoba yathola izihlalo ezine eSishayamthetho sesifundazwe kungenzeka kulokhu zithi xaxa noma kucaca ukuthi izophazanyiswa iMK.

“Okungasiza ezikaMalema ukuthi ziqinise kakhulu ekunxenxeni intsha ngoba yiyo ebonakala iwulalela umyalezo wakhe futhi ezibona inekusasa kuye’. Ukusungulwa kweMK kufan nokushayelela isipikili kuKhongolose ngoba ngezinsuku ezingama-30 imenyezelwe sekubonakele amalungu amaningi abeku-ANC esecula elinye iculo.

Scroll To Top