I-ANC imise amakhansela avote ne-IFP eMzumbe
Abhekane nolaka lwe-ANC KwaZulu-Natal amakhansela ayisikhombisa ale nhlangano kuMasipala uMzumbe avote kanye ne-IFP ngeledlule okuholele ekukhishweni kweMeya ye-ANC.
UMkhandlu ugcine uwela ezandleni ze-IFP kwaqokwa iMeya uMnu uMlungisi Ndlovu. La makhansela okunguMnu uSibonakaliso Hadebe wakuWadi 2, uThulo Mkhungo kuWadi 1, uBheki Ngema kuWadi 3, uMduduzi Msomi kuWadi 4, uMhlengi Luthuli kuWadi 16, uThuthukani Jeza kuWadi 19, noSmangele Dlamini kuWadi 20 bamisiwe yiqembu. UNobhala we-ANC uMnu uBheki Mtolo uthe laba babekelwe imibandela ethile njengokuthi abavumelekile ukuhlala emhlanganweni woMkhandlu waseMzumbe njengabamele uKhongolose futhi abavumelekile nokubiza imihlangano yomphakathi besebenzisa igama le-ANC.
UMtolo uthi amalungu e-ANC azibophezela enhlanganweni kulindeleke ukuthi ahambe ngemigomo yenhlangano. “Sekuyinto eyaziwayo ukuthi la makhansela azithathele isinqumo sokuvota ne-Inkatha Freedom Party okuholele ekuqokweni kweMeya engumbombayi”. kuchaza uMtolo.
Uthi bafisa ukuwakhumbuza amakhansela ukuthi ukweseka elinye iqembu ngaphandle uma kuyiqembu elidlelandawonye ne-ANC kuwukwephula umthethosisekelo we-ANC. Uveza ukuthi njengoba i-ANC ilungisa isimo sayo iyakugcizelela ukuthi izothatha izinyathelo ezinqala lapho kwephulwa khona umthethosisekelo. Uthi uma bengayilandeli imibandela yokumiswa kwabo bangazithola bexoshwa ngokukhulu ukushesha enhlanganweni. Izolo ukusebenza, kulo Mkhandlu bekuqhubeka njengokujwayelekile, amakhansela amisiwe abengabonwa nangalukhalo.