Ipheka iyathulula i-ANC kuMasipala eThekwini
Ukuhluleka ukuthola amavoti ayezokwenza ukuthi i-African National Congress (ANC) kuMasipala eThekwini iziphathele ngokugcwele uMkhandlu ngaphandle kokulekelelwa ngamanye amaqembu kwenza kube nzima ukugcina uzinzo ezinhlakeni zokuyiswa kwentuthuko kubantu.
Lona ngumuzwa wamanye amakhansela ale nhlangano kuMasipala acele ukuba angadalulwa ukugwema ukubeka engcupheni umsebenzi wawo.
Atshele elaboHlanga ukuthi izinto zimantwenguntwengu nje yingoba i-ANC izithola ingaphansi kwengcindezi lapho kumele kuyiswe khona intuthuko kubantu ngoba ithembele kwamanye amaqembu, “Bheka nje indaba yamanzi nezindlu uphiko olukhulu kangaka luseqenjini eliphikisayo,” kusho ikhansela.
Izolo i-ANC iphinde yaphulukundlela eMkhandlwini lapho iDemocratic Alliance ibiphakamise ukuba kuhlakazwe uMkhandlu Wokuphatha. IDA ihlulwe ngamavoti angama-53. Iningi lamaqembu amancane livote kanye ne-ANC. Elinye lalawa maqembu kube i-Abantu Batho Congress (ABC) eholwa nguMnu uPhilani Mavundla. Emuva kokhetho loHulumeni Bezindawo lowezi-2021 i-ANC yagcina itakulwe nguye uMavundla wagcina ebongwa ngesikhundla seSekela Meya.
Ukungaboni ngasolinye neMeya uMnu uMxolisi Kaunda kwaholela ekutheni bamkhombe indlela kwaqokwa ilungu leNational Freedom Party (NFP), uNk uZandile Myeni. Izolo ikhokhasi ye-ANC kulo Masipala iphinde yabuyisela i-ABC emandleni lapho iqoka uDkt uMakhosi Khoza njengoSihlalo Wophiko Lwezokuhlaliswa Kwabantu. Phambilini lesi sikhundla besiphethwe i-EFF ikhansela layo elikhonjwe indlela.
Ephawula ngokuqokwa kweqembu lakhe ekuholeni lolu phiko, uMavundla uthe ngonyaka odlule iqembu labamba umhlangano woMkhandlu nalapho amalungu abanika amandla nelungelo lokuba banxenxe amalungu amanye amaqembu ikakhulukazi asesimweni esikahle. UMavundla uthe uDkt uKhoza waba ngomunye walabo baholi.
Lo mholi wagqama eselilulungu likaKhongolose enguSihlalo weKomidi Lamabhizinisi KaHulumeni, usuke lapho waba yilungu lenhlangano i-Organisation Undoing Tax Abuse (OUTA), i-Action SA njengoba eseku-ABC.
“Asinandaba nokuthi usehambe amaqembu amangaki, baningi nabane abaholi abaphuma bengena emaqenjini. Into esenza samsondeza eqenjini amagalelo nokuziphatha kwakhe”. kuphawula uMavundla. Eqhuba uthe kumele kukhunjulwe ukuthi uDkt uKhoza waxoshwa ku-Action SA ngoba engabonanga ngasolinye nomholi wayo uMnu uHerman Mashaba.
Esika kwelijikayo ngesinqumo seqembu lakhe sokuchayisa iDA ekuhlakazeni uMkhandlu uMavundla uthe iDA kumele ikuqoinde ukuthi uma idinga ukuhlakaza uMkhandlu kumele ibe namavoti ayisilinganiso sokubili kokuthatha. “Ngisho noma isihlanganise wonke amaqembu amancane iDA ayisondeli nakusondela kulokhu ngakho abebekwenza bekuwukudlala ngemiqondo yabantu baseThekwini”. kuchaza yena. Isiphakamiso sokuhlakazwa koMkhandlu besilandela esinye isiphakamiso esenzeka emasontweni amathathu edlule seDA sokungabethembi ubuholi bukaKaunda. Nalapha i-ANC yaphumelela. Amaqembu amancane eseka i-ANC akhala ngokuthi awazange atshelwe ngazo zonke izinhlelo nokuthi uma uKaunda echithwa ubani okuzofoloswa ngaye. UMavundla uthe inkinga yamanzi nogesi eThekwini ayisoze yaxazululeka ngoba i-ANC ayizange izithathe izeluleko zakhe ngesikhathi eseyiSekela Meya.
“Ngabhala umbiko ongamakhasi angama-28 lapho ngangiphakamisa khona ukuba kuxoshwe abantu abathile eMkhandlwini ukuze kulunge izinto. Namanje labo bantu basekhona yingakho izinto zingasoze zalunga kulo Mkhandlu”. kuphetha lo mholi oseyiMeya yaseMvoti emuva kokuchithwa kwe-IFP. Uveze ukuthi iDA ne-IFP akukho abayokwenza okwehlukile eThekwini ngoba kudala baba khona eMkhandlwini bebuka ushona phansi.