SingaBenguni siyaqonda noma sinikela ngobuningi bethu na
UZanele yintatheli esimkatshubovu nezinze eChina.
Kungenzeka ukuthi ukubaluleka kobuningi bethu sikuqonda kuphela uma sifuqwa ukuba sihlangane ngobuningi bethu ukuzofezekisa izinjongo zeqeqebana kodwa asikuqondi ukuthi ubuningi bethu singabusebenzisa kanjani ukuze kuhlomule thina ngobuningi bethu.
Kwathi uma kungena uHulumeni oqhoqhobelwe iqembu i-African National Congress lapho iningi labaholi bayo babephuma ekudingisweni abanye bephuma emajele kade bedingiselwe ababekubiza ngenjongo yabo yokukhulula aboHlanga ekucindezelweni uHulumeni wobandlululo. Ngaleso sikhathi kwakungekho seqhulwini ubuningi kodwa kwakubaluleke kuphela ukuthi singaBenguni.
Kodwa ubuningi bethu yaqala ukubonakala inhlansi yabo eqhulwini lapho amaqembu aboHlanga afana ne-Inkatha Freedom Party noKhongolose kwakuyiwo abonakala edlana imilala encintisana ngokuzuza izinhliziyo zabavoti abaningi. Kulapho kuqale qhubeke khona ukusetshenziswa kobuningi baBenguni ukuphendula amatafula nasekufakeni ingcindezi kuHulumeni nasekuzwaneni amandla kwamaqembu epolitiki esebenzisa futhi eqhosha ngobuningi babalandeli babo.
Lo mkhuba usukhule ngendlela yokuthi usufana nohlaka lokuzitholela iphalishi ikakhulukazi kwizinhlangano zepolitiki. Siyakubona lokhu kwenzeka ngothi kubanjwe idlanzana esigcemeni ukuthi lithole iningi labantu azohambisana nombono wabo kulesi sigceme lapho kuzothi bangaphumelela ukuthola lelo ningi labantu ebelidingeka bese beklonyeliswa ngezikhundla ezisemlomeni ongena izijumbana zokudla kanye namavawusha ukuze kuqale kudle bona nemindeni yabo ngaphambi kokudlulisela kubahlali.
Lokhu sokuphungiuele umthwalo abaholi beqembu elibusayo uKhongolose njengoba sebesebenzisa labo abagaqele izikhundla kuleliqembu ekubaqoqekeni nasekwengezeni isibalo sabalandeli. Lokhu bakwenza ngokubaqhubisa inkomo yobisi lapho kuzothi uma abahlali beyibona lenkomo eyiqhuba befisa ukuklezisela izitsha zabo bese loyo oyiqhubayo ekuyalela ukuba ube nobulungu bukaKhongolose kuqala ngaphambi kokuzokleza, lokho okuzophoqa ofuna ukukleza ukuba azithole elilungu lalenhlangano noma ebengakuhlelele lokho kodwa ngoba ufuna ukudla bezingane zakhe ugcina elilungu lenhlangano. Kulapho ke ibuhloli busebenzusa lobulungu ababuthole ngomgunyathi bazihlonze njengabantu abakwenyusile ukwesekwa kwabo.
Lo mkhuba uyabonakala kapho abebala behlela ukubhikishela izidingo zabo njengoba sibona kulenkinga eqale sekuphela u2023 yamanzi emalokishini ekhele iTheku mskubhikishwa kunxenxwa abeNguni ukuba babambe iqhaza kuleyomibhikisho ngenva yobuningi babo.
Lo mkhuba wokusetshenziswa kobuningi baboHlanga umangaze ngenkathi umengameli weqembu i-EFF uMnz Julius Malema eyalela amalungu eqembu lakhe ukuba agcwalise abantu emabhasini ukuyogcwalisa inkundla yezemidlalo iFMB lapho bebegubha iminyaka elishumi lenhlangano yasungulwa okwaholela ekukhonjwe indlela kwalabo abehluleka ukuthoa amabhasi abazowagwalisa. Lomyalelo uwenze emva kokuthi ebize aboHlanga bakuleli ngeziphukuphuku ezingamavila, kodwa wayalela ukuba wona lawomavila agcwaliswe amabhasi azothamela inkulumo yakhe neqembu lakhe yokuhubha iminyaka elishumi.
Kungabe uMnu uMalema udinga ivoti laboHkanga ngoba enogqozi lokubathuthukisa noma udinga ukuningi babo kuohela na ukuze afezekise izifiso zeqembu lakhe?
Kungabe thina beNguni sinikela ngobuningi bethu kubantu abanganamaphopho ngathi kodwa abanamaphupho ngamaqembu abo nezisu zabo?
Nanamuhla zilishumi kuNhlolanja iphindile i-EFF nomholi wayo uMnu uJulius Malema bebhejelane noMengameli wamabhinca uMnu uNgizwe Mchunu bebezoqhudelana ngabo njalo ubuningi bethu ukuthi ukwazile na uMacingwane ukuphazamisa uMalema ukugcwalisa iMoses Mabhida.
Lapha uMnu uMalema wenze isiqiniseko sokuthi uvula inkulumo yakhe ngokubalula labo aziyo ukuthi bayahlonishwa lapha kwelikaMthaniya futhi besekwa iningi. Ubalule iSilo uMisuzulu kaZwelithini kanye nomholi wamaNazaretha aseBuhleni uNyazi Lwezulu lokhu ekwenza ngokuqonda ubuningi babantu ababesekayo nokuzuza izihliziyo zabo.
Manje umbuzo umile othi kungabe singaBenguni sikuqonda ukubaluleka kobuningi bethu noma sinikela ngabo kubantu abafuna ukufeza izinhloso zabo namaqembu abo?

