Izitoyitoyi kulokhu zinqindiwe
UMtaka ungumbhali wezindaba zamazwe neMeneja kwi-Igunundu Agency.
Kwake kwanesikhathi lapho konke ezikuhlelayo nezikusho kwenzeka. Lelo yiqembu lesithathu kwamakhulu aphikisayo kuleli i-Economic Freedom Fighters (EFF). Uma kufika ekuvulweni kwePhalamende leli qembu belizenzela umathanda. Bekuthi uma lithe ngeke kuqalawe ngesikhathi noma kuzoba nokuphazamiseka nembala kube njalo. Ufakazi walolu dosi ngoMengameli uZuma noRamaphosa amalungu aleli qembu abaphazamisa kwangaba ndabazaluthu.
Nokho nonyaka iPhalamende libukeka likwenze konke ukuqinsekisa ukuthi izinhlelo zaleli qembu zokuphazamisa kaziphumeleli. IPhalamende lilandela izincomo zekomiti linqube ukuba abaholi be-EFF okubalwa uMengameli weqembu uMalema, isekela lakhe uShivambu, unobhala jikelele uDlamini, noDkt uNdlozi nabanye ababili bangabi yingxenye yokuvulwa kwePhalamende kulo nyaka. Lokhu kulandela isenzo sangonyaka owedlule lapho laba babandakanyeka ohlelweni lokuyinyomfa kuphazanyiswa iphalamende.
Lesi sinqumo siqhubekile sathi laba baholi bazobanjelwa imihlomulo yabo yakule nyanga njengesijeziso. Ngokwazi ubungozi balesi sinqumio abe-EFF baphikelele enkantolo nebachithe kabili. Okokugcina nje iNkantolo Enkulu yaseWestern Cape ichithe leli namalungu lawa ngelithi bahlulekile ukuveza ukuthi lesi sinqumo sizobahlukumeza kangakanani. Inkatolo ivumile ukuthi nembala isikhathi lesi sinqumo esithathwe ngaso besinenhloso yokujezisa abe-EFF ngesenzo sabo sanyakenye futhi sigwema ukuthi baphinde benze okufanayo nakulo nyaka.
Ngezikhathi zamadina namuhla leliqembu limemezele ukuthi akukho nelilodwa ilungu lalo elizoba yingxenye yephalamende. Kwenzeka konke nje lokhu abe-EFF bazilungiselela umsebenzi omkhulu wokwethula inkulumo yokukhonga yabo eThekwini ngoMgqibelo.