UMkhonto Wesizwe kuzomele uthole ozohola leli qembu ePhalamende emuva kokhetho kulandela isinqumo seNkantolo Yomthethosisekelo echithe iNkantolo Yezokhetho, iMK Party noZuma.
Kuzophela ukuqagula namuhla ekuseni lapho iNkantolo Yomthethosisekelo kubhekeke ukuba ikhiphe isinqumo ngokuthi uMnu uJacob Zuma uzokwazi yini ukuyomela iqembu lakhe uMkhonto Wesizwe ePhalamende uma linqoba izihlalo emuva kokhetho.
UMcKenzie uyithwalisa kanzima iDA eWestern Cape.
Sekuvele ukuthi bebecashe ngeqembu lezepolitiki uMkhonto Wesizwe (MK) abasolwa abane abadutshulwe ngamaphoyisa emuva kokugagazisana nawo emqashweni eCamperdown ngoLwesithathu.
Inkinga yamanzi ezweni iyaqhubeka nokuba yimbi naphezu kwezethembiso zokushintsha kwesimo.
Yize abaculi namaciko amaningi aseZimbabwe alifulathela izwe emuva kombhedukazwe owawuhambisana nokuhlukunyezwa kuboshwe bonke ababephikisana noHulumeni…...
Ngesikhathi iNamibia ithola inkululeko eNingizimu Afrika ngowe-1990, uNujoma nguye owaqokwa njengoMengameli wokuqala kulandela ukunqoba kweqembu lakhe iSouth West African People's Organisation (Swapo).
Eqeda ukusayina loMthethosivivinywa uMengameli uCyril Ramaphosa uthe abantu abehlise amaphaphu.
ISekela Lenhloko eNkantolo Yomthethosisekelo selikhiphe umyalelo liwubhekise kuKhomishini Ezimele Yokhetho i-Independent Electoral Commission (IEC), iqembu uMkhonto Wesizwe (MK) kanye nomnu uZuma.
IKhomishini Ezimele Yokhetho kubukeka kuyiyo ephumelele ukunqoba umzuliswano wokuqala phakathi kwayo nabamele umholi weMK Party uMnu uJacob Zuma eNkantolo Yomthethosisekelo.
Sekungumlando ukuthi owayenguNobhala Jikelele kuKhongolose uMnu u-Ace Magashule neqembu lakhe i-African Congress for Transportation ngeke babe yingxenye yamaqembu azongenela ukhetho lukazwelonke nolwezifundazwe zingama-29 kuNhlaba.
Kusuka ngoMsombuluko emveni kwalesi sidumo inkontileka yabakhi ibingena ezinhlangeni ngobuzwe bezisebenzi.
Leli qembu yilo kuphela kwasematheni okuze kube yimanje elingakawethuli umqulu wezethembiso zokhetho kubantu yize usuke wasatshalaliswa ezinkundleni zokuxhumana.
Ngempelasonto umkhankaso ogqugquzelwa yinhlangano engenzi nzuzo wokutakula abafundi abaswele ngezicathulo owaziwa ngokuthi, #1MillionSchoolShoes, uhambele kule ndawo ukuyodlulisela usizo.
Minyaka yonke ngoNhlangulana eZimbabwe kubanjwa umgidi wamaciko namasiko nalapho kusuke kuqhakanjiswa khona ukuzigqaja ngobu-Afrika nokubungaza…...
Emuva kwezikhalo nokuvalwa kwemigwaqo ezigcemeni ezehlukene ezindaweni zomphakathi eMgungundlovu bekhala ngokugqoza kwentuthuko, izolo lime nse idolobha kubhikishwa.
Kwabathweswe iziqu bekukhona nowayenguNgqongqoshe Wezempilo uDkt uZweli Mkhize ohlonishwe ngeMasters in Administration.
Isikhuni sibuya nomkhwezeli ngegidigidi lesikhangiso seDemocratic Alliance (DA) esikhombisa kushiswa ifulegi lakuleli njengophawu lokungqongqa kwezwe.
Umbango oshisa phansi wobuholi boMkhonto Wesizwe phakathi kukaMnu uJacob Zuma noMnu uJabulani Khumalo ongumsunguli waleli qembu akuselula ukuba uthikameze izinhlelo zeKhomishini Ezimele Yokhetho.
Sisengundabamlonyeni isikhangiso sokhetho saleli qembu esikhombisa ukungqongqisa ngomlilo ifulegi lakuleli.
Ukungabikhona kobuholi obuqokiwe eqenjini uMkhonto Wesizwe kuyaqhubeka nokudala ukwehlukana kuleli qembu kulandela ukuvumbuka kolunye uhlaka oGwini oluseningizimu yeKwaZulu-Natal oluthi yilo olunamandla okuthatha izinqumo.
Endleleni yokulwela inkululeko eNingizimu Afrika akubanga ngosopolitiki kuphela ababesekhaleni lempi, abezenkolo, izinhlangano zabahlali, abafundi nomphakathi…...
Emazweni ngamazwe izisebenzi ziyizinsika zamakhaya nomgogodla womnotho kungathalakelile ukuthi zikumuphi umkhakha. Phambilini kwakukuncane ukuqhakambisa iqhaza…...
Ngesikhathi kwaboHlanga kusewumqansa ukungena emkhakheni wamabhizinisi ngenxa yemithetho eyabe iqinile yondlululo bambalwa abakwazi ukuphukulundlela belwela…...