Kumenele uDkt uMotsuenyane owaba ivulandlela emabhizinisini aboHlanga


Ngesikhathi kwaboHlanga kusewumqansa ukungena emkhakheni wamabhizinisi ngenxa yemithetho eyabe iqinile yondlululo bambalwa abakwazi ukuphukulundlela belwela ukuthi aboHlanga bangashiywa ngaphandle futhi babe neqhaza ekuthuthukiseni izindawo ababehlala kuzo. Omunye owaba yivulandlela kulokhu uMnu uSam Motsuenyane, owazakhela udumo ngokuba phambili ekusungulweni kwenhlangano yosomabhizinisi boHlanga iNational African Federated Chamber of Commerce (Nafcoc).
Le nhlangano yathuthuka yagcina isinabele nakwezinye izifundazwe ezweni. Ngenxa yamagalelo akhe uMotsuenyane ugcine esehlonishwa ngeziqu zobudokotela waphinde wahlonishwa ngomklomelo i-Order of Ikamanga ngeqhaza lakhe ekufukuleni aboHlanga kwezamabhizinisi ngesikhathi esinzima. Ukusungulwa kweNafcoc kwaholela ekusungulweni kwezinye zezinhlangano zaboHlanga njengeNyanda Chamber of Commerce eyayigxile kwaZulu ngaleso sikhathi uSihlalo wayo kungusomabhizinisi uMnu uMzoneli.
UDkt uMotsuenyane udlule emhlabeni izolo eseneminyaka engama-97. Wazalelelwa epulazini, esifudazweni esesaziwa ngeNorth West. Kusuka kuzwakale izindaba zokwedlula kwakhe imiyalezo yenduduzo ibingena ilakanyana emndenini ikakhulukazi ivela ezinhlanganweni zosomabhizinisi. Inhlangano iPublic Interest SA imchaze njengomuntu osebenzele isizwe ngokuzinikela, yathi ukudlula kwakhe kuvule igebe elikhulu emkhakheni wezamabhizinisi yize kade esathatha umhlalaphansi. “Ngesikhathi eseyisishabasheki ukwazile ukudala ukuhlonipheka kosomabhizinisi boHlanga, ebagqugquzela ngokubeka phambili ukusebenza ngokwethembeka nokubambisana nomphakathi abawakhele okuyiwo osimamisa amabhizinisi abo.
Inhlangano ayisungula Dr Motsuenyane Foundation imchaze njengomuntu obambe iqhaza elikhulu ekusunguleni nasekuthuthukiseni amabhizinisi aboHlanga ezweni. Ngonyaka we-1992 uDkt uMotsuenyane wathatha umhlalaphansi ekuholeni iNafcoc waba yilungu lephalamende. Waqokwa nguMnu uNelson Mandela njengeNxusa lokuqala elimele iNingizimu Afrika eSaudi Arabia phakathi kowezi-1996 nowezi-2000. Uphinde waba iNxusa emazweni ahlukene njenge-Oman, iYemen, iKuwait neBahrain.