Abokufika abaningi abebeqashwe ebhilidini elidilikile eGeorge: Umbiko
Izikhalo zansuku zaphuma zabantu bakuleli abantula imisebenzi ngokuqashwa kakhulu kwabantu bangaphandle iningi labo abangenawo amaphepha aqondile okuba kuleli ziphinde zahlaluka emuva kokuvela kokuthi abaphangalele nabalimele enhlekeleleni yokudilika kwesakhiwo eGeorge eWestern Cape iningi labo ngabokufika.
Kusuka ngoMsombuluko emveni kwalesi sidumo inkontileka yabakhi ibingena ezinhlangeni ngobuzwe bezisebenzi. Izisebenzi bangaphandle yizo ezihlomula ngemisebenzi ukwedlula abakuleli ngoba baholelwa kancane futhi abakwazi nokuvusa umhlwenga ngamaholo ngoba abanawo amaphepha asemthethweni abagunyaza ukuba seNingizimu Afrika ingasaphathwa eyokuqashwa.
Emveni kokuvela kwalezi zindaba uNgqongqoshe Wezemisebenzi Nokuqasha uMnu uThulas Nxesi uthe okumqoka njengamanje ukuthi bonke abathintekayo kulesi sibhicongo bangabantu okobuzwe yinto eyolandela kamuva. Ezinkundleni zokuxhumana lolu daba luvuse intukuthelo kukhona abasola iqembu elibusayo ngokukhusela abantu basemazweni angaphandle nokushaya izicagogwana zemithetho ezibavikelayo.
UNxesi uthe usejube uMnu uDavid Essau oyiNhloko eMnyangweni wezemisebenzi eWestern Cape ukuba ahole uphenyo ngale nhlekelele. U-Essa uthe sebekwazile ukuthola ukuthi abanikazi baleli bhilidi inkampani yabakhi ebizwa nge-Ice Projects ezinze khona eGeorge. Uthe sebezame kaningi ukuthola abamele lenkampani bengaphumeleli.
Uveze ukuthi sebethathe isinqumo sokunxusa abameli boMnyango ukuba kube yibo ababathungathayo, ngoba ngisho nasesakhiweni imbala ababonwa.
UNgqongqoshe uNxesi uthe uphenyo lwabo ngalesibhicongo luzoqhubeka kahle uma amaphoyisa eseqedile ngasohlangothini lwawo. “Uma amaphoyisa eseqedile ngasohlangothini lwawo azoba esenikezela eMnyangweni uphenyo lwawo oluzolandela uMthetho Wempilo Emsebenzini Nokuphepha, iSigaba 31 neSigaba 32.” Uthe abafuni ukuqagula ngokuthi yini imbangela yokudilika kwebhilidi kuze kube kuhlanganiswa umbiko ophelele wophenyo.
Namuhla uNgqongqoshe Wezempilo uDkt uJoe Phaahla ephelezelwa uzakwabo esifundazweni uDkt uNomafrentshi Mbombo bazohambela endaweni yenhlakelele baphinde bavakashele labo abaselashwa ezibhedlela. Ukuhlangula kuyaqhubeka, kusenovalo ngokuthi isibalo sabashonile singanyuka.
IZIBALO
- Isibalo sabantu abasebhilidini ngesikhathi senhlekelele: 81
- Isibalo sabatakiliwe kuze kube yimanje: 37
- Asebeshonile kule nhlekelele: 9
- Okwembulwa kwembeswa kubo ezibhedlela: 16
- Okubonwa ngokusa kubo: 6
- Abalimele kodwa kwaba imihuzukwana: 7
- Abantu abangaziwa: 44