Ayikho efuna ukugoba uphondo ku-IEC noZuma
IKhomishini Ezimele Yokhetho kubukeka kuyiyo ephumelele ukunqoba umzuliswano wokuqala phakathi kwayo nabamele umholi weMK Party uMnu uJacob Zuma eNkantolo Yomthethosisekelo.
Ukuchithwa kwesicelo sikaZuma sokuba abeHluleli abayi-6 kule nkantolo ababeyingxenye yabakhipha isinqumo sokumlahla ngecala ngesigwebo sezinyanga ezi-15 ejele ngokudelela inkantolo bashenxe, kufane nokucacisa ukuthi leli cala liya ngakuphi. Ukuchithwa kwalesicelo kuchaza ukuthi abeHluleli uZondo, uTheron, uTshiqi, uMadlanga, uMajiedt noMhlantla basazoqhubeka nokulalela isicelo seKhomishini Yokhetho efuna ukuba igama likaZuma lihoxiswe ohlwini lwabaya ePhalamende ngoba enamacala.
Ngaphambi kokuba abameli bezinhlangothi zombili badedelwe uMehluleli uTheron ukwenza izethulo, kuvumbuke ummeli kaMnu uJabulani Khumalo bazofaka amaphepha azolekelela lenkantolo njengoba uKhumalo ongumsunguli woMkhonto Wesizwe emile ekutheni nguye nguye uZuma akayena umholi waleli qembu. iNkantolo imnikile ithuba waqeqebula imizuzwana okuthe ngasemaphethelweni uMehluleli uTheron wathi abaludingi usizo lwabo.
Inkundla ivulwe ummeli we-IEC u-Advocate Ngcukaitobi. Esethulweni sakhe uthe uZuma wagwetshwa izinyanga ezi-15 ukuthi isigwebo sakhe sabuye sancishiswa ngokungenelela kukaMengameli kuyize leze. Uthe ngokomthetho ukuncishiswa kwesigwebo nokunikwa ushwele iparole kuyefana. Iphuzu ebelibangwa kakhulu iSigaba 47 (1) soMthethosisekelo esithi wonke umuntu wakuleli onelungelo lokuvota angakwazi ukumela iqembu ePhalamende kuzwelonke.
Ummeli kaZuma u-Advocate uDali Mpofu uveze ukuthi uZuma wagwetshwa ngaphandle kokuthethwa kwecala wanganikwa nelungelo lokuphonsela inselelo isigwebo. “UZuma akasoze akwamukela ukuthi wagwetshwa ngaphandle kokuthethwa kwecala uyoze angene egodini.
UMehluleli uTheron ubuze uNgcukaitobi ukuthi uma kungathiwa labo abahlanganisa iSigaba 47 (1) soMthethosisekelo emqondweni wabo babenokuthi wonke umuntu olahlwe yicala wagwetshwa anganikwa ithuba lokudlulisa icala, lapho umuntu enganikwanga lelo thuba lokwedlulisa icala yikuphi okunye angasizakala ngakho uma kungabukwa ukuyolikwa iSigaba 47 (1). Izinhlangothi zombili zishayane zabukana kungekho efuna ukugoba uphondo. UZuma ubekhona ngaphakathi eNkantolo ngaphandle abalandeli beMK bebethe shaye bemagange ngokuzwa isinqumo.