Now Reading
Bebecashe ngeMK ababulelwe amaphoyisa eCamperdown
Dark Light

Bebecashe ngeMK ababulelwe amaphoyisa eCamperdown

Sekuvele ukuthi bebecashe ngeqembu lezepolitiki uMkhonto Wesizwe (MK) abasolwa abane abadutshulwe ngamaphoyisa emuva kokugagazisana nawo emqashweni eCamperdown ngoLwesithathu.

ElaboHlanga lithole ngemithombo yalo engashayi eceleni kule ndawo ukuthi abasolwa bangabantu abaziwayo emphakathini, muva nje bebengapheli emibuthanweni yeMK yize baziwa ngokuphela impilo yobukhazikhazi.

“Akukho thina esibazela kona kodwa kwasijabulisa ukubabona behlangana nathi emihlanganweni befake nezikibha zeqembu ngoba besibabonela kude kungabantu abaziphilela kamnandi futhi bedla nengqephu,” kusho omunye wesifazane ocele ukuba igama lakhe lingavezwa ukuze avikelwe. 

Uveze ukuthi bashaqeke kwaphela nasozwaneni emuva kokudutshulwa kwabo ngamaphoyisa sekuvela ukuthi bebethinteka eziganekweni zokudunwa kwezimoto zemali kuthathwe imali. Uthe lesi sehlakalo asihlangene nesokubulawa kabesilisa ababili KaXimba kude buduze nale ndawo. Leli phephandaba lipotshozelwe ukuthi esimekweni saKwaXimba kusolwa umbango wezepolitiki. “Abasolwa bebehlala njalo bethola izinsolo zokubulawa, lento nje ingombango wepolitiki ewadini phakathi kwe-ANC neMK. 

Uma amaphoyisa engalwenza kahle uphenyo lwawo emphakathini angawuthola umsuka wendaba kuboshwe abasolwa,” kusho elinye ilungu lomphakathi. Umphakathi uthe unovalo lokuthi lesigameko sizogovuza abantu sivukuze udlame lwezepolitiki olwaludla lubi kule ndawo phakathi kwe-ANC neSouth African Communist Party.

Emuva kokubulawa kwamadoda amane eCamperdown kube neziphakamiso zinhlakeni eziningi ukuba uMkhuzi wamaphoyisa KwaZulu-Natal uLt. General uNhlanhla Mkhwanazi anyuselwe kwesoMkhuzi wamaphoyisa kuzwelonke ngenxa yomsebenzi wakhe. Emasontweni ayi-8 amaphoyisa kulesifundazwe asethele othulini abasolwa abali-16 ezigamekweni ezehlukene abasolwa ngobugebengu. 

See Also

Ephawula ngesigameko saseCamperdown okhulumela amaphoyisa esifundazweni uBrigadier uJay Naicker, uthe abasolwa abane bebesolwa kuchungechunge lezigameko zokudunwa kwezimoto zemali okuthe uma amaphoyisa egasela lapho behlala khona kwayibo abavulela kuqala ngenhlamvu.

ULt General Mkhwanazi uthe ngenxa yokuthi amathimba ezigebengu ayazihlela futhi ayasebenzisana nabo kube semqoka ukuthi basebenzisane nzinye izinhlaka zamaphoyisa nezokuphepha ukubamba abasolwa. Uthe sekunesikhathi eside blandela abasolwa baseCamperdown abathintekayo ezigamekweni zokubanjwa inkunzi kwemoto yemali eSifundeni iKing Cetshwayo nasezindaweni ezakhelene noMgungundlovu

Scroll To Top