I-UKZN ihloniphe uMkhize ngeziqu
Imicimbi yokuthweswa kweziqu emanyuvesi phambilini eyabe iwubukhazikhazi idle nangemisiko ephambili kulesi sikhathi seyiguquke kakhulu. Umcimbi weziqu womkhakha wakwaCommerce eNyuvesi yaKwaZulu-Natal ophikweni laseWestville izolo ubudlise ngengoma, umculo wesintu kwaboHlanga abebethweswa iziqu.
Ingoma evamise ukuhaywa emicimbini yesintu emakhaya ethi, ‘Kusekhaya la noma ngabe izindlu zodaka’ inyakazise iSport Centre ngesikhathi insizwa ebizuza iziqu zeBComm in Supply Chain Management ihluleka ukuzibamba emuva kokugcotshwa ngokusemthethweni nguShansela. Ithe iyivuma ingoma kwananela abebethweswa iziqu kwadlulela nakuzimenywa ebezithe shaye.
Ngaphandle kwengoma abebethweswa kukhona abebevunule ngesintu, nabomdabu baseNdiya abebegqoke imvunulo yabo kanjalo namaSwati. Imikikizo ingoma neziqubulo ezihaya abebegqoka bekusho phezulu. Kwabathweswe iziqu bekukhona nowayenguNgqongqoshe Wezempilo uDkt uZweli Mkhize ohlonishwe ngeMasters in Administration.
UDkt uMkhize ubeyingxenye yezitshudeni ezingama 32 ezizuze iMasters izolo. Ngesikhathi kubizwa igama lakhe kwabazogqoka izethameli zivele zabanda okuyinto engajwayelekile lapho osopolitiki abanohlonze besuke behlonishwa emcimbini. Lesi senzo sicace kuhle kwekati elimhlophe ehlungwini ukuthi inhlese yezepolitiki ikhona. Kulezi zinsuku uMkhize uphansi phezulu nemikhankaso yokhetho lapho ekhankasela khona iqembu elibusayo njengelungu lesigungu esiphezulu.