URamaphosa uthi amaphaphu phansi kwabangabaza iNHI


Ngaphambi kokusayinwa koMthethosivivinywa Wohlelo Lwezempilo iNational Health Insurance (NHI) njengoMthetho ozoqala ukusebenza, imvunge bese iqalile amaqembu aphikisayo esola i-ANC ngokuxhomondela ekusayineni loMthetho sekubalwa amasonto kuyiwe okhethweni ukuze izuze amavoti.
IDemocratic Alliance ibe yiqembu lokuqala elikubeke zisuka ukuthi lizonikela eNkantolo YoMthethosisekelo liyophikisana nokusebenza kwalolu hlelo lwezempilo.
Akubona abezepolitiki kuphela abagxeka lolu hlelo izikhalo ziqhamuka nasezinhlanganweni zezempilo, abamabhizinisi, izinyunyana.
Isikhalo esikhulu ngesokuthi izimvo zabantu ikakhulukazi emkhakheni wezempilo azizange zithathelwe phezulu kodwa uMengameli uRamaphosa usebenzise ukuba yiningi leqembu lakhe i-ANC ePhalamende, waziba ngisho nezeluleko ebeziqhamuka kwabomthetho ngomthelela ozodalwa yilolu hlelo kwezempilo.
Abantu abakhokha intela nabahola kakhulu abanama-medical aids baveza ukuthi bazozithola sebekhokha kakhulu kunakuqala ukuze kutakulwe abantu abangenalutho njengoba lolu hlelo lubeka phambili ukuthi kube nokulingana ohlelweni lokunakekelwa kwempilo kusuka emitholampilo nasezibhedlela. Umbuzo omkhulu kulabo abanama-medical aid ukuthi kuzokwenzakali ngawo, ngabe kuzosho ukuthi kuzophela ukusebenza kwawo okanye bazozithola sebekhokha kakhulu.
Abahlaziyi bathi eminyakeni elishumi kusuka manje uhlelo lwama-Medical Aid luzobe lungasasebenzi, luzokhishwa kancane njengoba izikhungo zezempilo zizobe sezidlulisela usizo lokwelashwa kubantu ngendlela elinganayo. Eqeda ukusayina loMthethosivivinywa uMengameli uCyril Ramaphosa uthe abantu abehlise amaphaphu, ngoba lolu hlelo angeke zithi zisuka nje lube selusebenza ngokugcwele kodwa luzokethulwa ngezigaba ngokuqhubeka kwesikhathi.