
Ngesikhathi izwe lisenkingeni yagesi eya ngokushuba uMengameli uCyril Ramaphosa usephike wema ngentaba ukuthi ukuhlinzeka ngogesi kungumsebenzi waHulumeni kaZwelonke. Lokhu ukusho ngesikhathi efaka amaphepha okuphendula enkantolo, lapho abamangali abali-19 okubandakanya namaqembu aphikisayo embale noHulumeni kaZwelonke njengabafanele ukuphendula.