Imiphumela kamatikuletsheni iza nokuningi empilweni yomfundi



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Isikhathi sokuphuma kwemiphumela yamatikuletsheni yisikhathi esingundabizekwayo eNingizimu Afrika. Kuba khona ukujabula, ukukhala, ukugxekana, ukuncomana, ukhwantalala kubafundi, kuphinde kube khona nobuhlungu lapho abathile babantwana bekhetha ukuzibulala ngenxa yengcindezi abazibona bekuyo ephuma kubazali, omakhelwane, abangani nabanye.
Kubalulekile ukuthi uma kuhlaziywa ukwenza komfundi kubhekwe ukuthi ubebhekene nesimo esinjani.
Empilweni yengane efundayo izivivinyo zikamatikuletsheni ziwuvuthondaba noma ziwupholavuthondaba. Imiphumela iba yibhuloho lokuwelela esigabeni esilandelayo ekungaba yikolishi noma yinyuvesi noma umsebenzi.
Konke lokhu ekubalwa njengesigaba esilandelayo kungabakhwekazi entsheni eningi. Inani labafundi ababhala izivivinyo zikamatikuletsheni lilinganiselwa ezinkulunguwaneni eziyi-900.
Izikhala emakolishi ahlukene, ekungaba awobuthishela, awamakhono, obuphoyisa namanye azanele ukumumatha bonke abafundi abaphasayo abangaphezulu kwezinkulungwane ezingama-500. Akusabalwa ke okwemisebenzi.
Ngaphandle kokuthi zincane izinhlobo zemisebenzi ezidinga isitifiketi sikamatikuletsheni kuphela, amathuba emisebenzi asenciphe kakhulu njengoba isimo somnotho sisimbi.
Ngaphandle kwalesi simo esibhekene nomfundi obhale waphumelela umatikuletsheni ziningi izinkinga adlule kuzo.
Umatikuletsheni uvuthondaba lwemizamo yeminyaka eli-11 kusebenzisana uthisha, umfundi, umzali nomphakathi. Ukwenza komfundi kumatikuletsheni kuyisibuko salolu hambo lweminyaka eli-11.
Umfundi akavele aqhamuke esephumelela ibanga lokugcina nje. Umatukeletsheni uphunyelelwa eminyakeni eli-11 kusukela angena esikoleni.
Ezintweni ezibalulekile ekulungiseleleni ingane ukuthi iphumelele ekugcineni sibala izindonga zokufundela, ibanga lokuya esikoleni nezinsiza zakhona ezinjengezinto zokuhamba, izinsiza zokufunda njengezincwadi, uzinzo esikoleni, ukuba nothisha ngokuphelele, nokunye okuningi.
Abafundi abaningi bohlanga bahamba amabanga amade ngezinyawo uma beya ezikoleni okusho ukuthi bafika sebevele sebekhathele bengakaqali nokufunda. Kanjalo nemisebenzi abayiphathiswe ngothisha ukuthi bayenze emakhaya iyasilela ngoba umfundi ufika ekhaya ekhathele.
Uthisha nomfundi kufanele bangaphazamiseki egunjini lokufundela. Kepha kuyinto eyaziwayo ukuthi izikole eziningi ezinezingane zabohlanga zinamafasitela afile, iminyango ayikho, nezindonga ziqhekezekile.
Okubi kakhulu ukuthi kusakhona abafundi abafundela emnyango. Uhulumeni useke wazithola eyiswa ezinkantolo ngodaba lwezikole zodaka kanye nenqubomgomo ehlonza amazinga afanelekile mayelana nezakhiwo zesikole.
Ehlobo izingane zishiswa yilanga, ebusika zigodoliswa amakhaza. Kusenze sasibi nangaphezulu ukuthi kube khona izikole ezikhahlanyezwa yizikhukhula ezehle ngonyaka wezi-2022. Izibalo zikhomba ukuthi ngenxa yezikhukhula kwashona izingane ezingama-57, kwaphazamiseka eziyizinkulungwane ezingama-320, kwalimala izikole ezingama-600.
Abafundi ababhale umatikuletsheni ngowezi-2022 bebenza amabanga e-10 nele- 11 ngesikhathi kuhlasela ubhubhane, ukhuvethe. Kwalahleka isikhathi esiningi kakhulu sokufunda ngesikhathi izwe laseNingizimu Afrika njengamanye lizama ukuqhubeka nempilo futhi liqaphele ukungafaki izimpilo zabafundi nothisha engcupheni.
Njengoba izikole zangasese zakwazi ukuqhubeka nokufundisa kusetshenziswa ubuxhakaxhaka banamhlanje izikole ezigcwele izingane zabohlanga zazingakwazi ukukwenza lokhu, ngakho ke zasilela kakhulu.
Ngokombiko we-UNICEF wangoNtulikazi ngowezi-2021, izingane zaseNingizimu Afrika zisele ngonyaka wonke uma kubhekwa ukuthi kufanele ngabe sezikuphi. Kuzokhumbuleka ukuthi kuthe noma sekubuyeliwe ezikoleni kwaba nezinkinga eziningi njengoba ukhuvethe lwalungakapheli.
Kunothisha abahlatshwa ukhuvethe balala ubuthongo bokugcina kanti abanye bazithola behlaba ikhefu lokugula ngenxa yokuhlatshwa yilo belu ukhuvethe.
Okwenze isimo sasibi nakakhulu ukuthi othisha ababethathwa ngokuthi baseminyakeni yobudala eyenza babe sengcupheni banikwa imvume yokungasondeli ezikoleni. Lokhu kwanciphisa isibalo sothisha sokuqhubeka nomsebenzi. Kwenzeka lokhu nje vele izikole bezinakho ukukhala ngokungabi nabo othisha abanele.
Phezu kokhuvethe, isimo sezindlu zokufundela izikole eziningi zinenkinga yokuthi izinsiza zokufunda ezinjengezincwadi, amabhuku okubhala nokunye azifiki ngesikhathi okwenza abafundi bakhona basilele ohlelweni lonyaka. Lokhu kuyinkinga echaphazela wonke amabanga emfundo.