UGodongwana wethule isabelomali ngesikhathi esinzima esizweni



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Njalo ngalesisikhathi sonyaka uNgqongqoshe Wezezimali wethula inkulumo yesabelomali ePhalamende. Amaqembu, elibusayo kanye naphikisayo alindeleka ukuthi azibandakanye kwinkulumompikiswano malunga nalenkulumo. Lenkulumo isuke yandulelwe ngekaMengameli Wezwe ekuthiwa yiState of the Nation Address lapho esuke ebekela izwe ukuthi njengoMengameli ubona isimo sinjani, bese eqhamuka namaqhinga okulungisay lokho okonakele. Imvamisa le nkulumo kaMengameli inikeza inkombandlela kuleyo yaNgqongqoshe Wezemali. Lokhu kungoba okuningi okuyaye kwethulwe nguMengameli kusuke kudinga imali.
Kulonyaka uNgqongqoshe Wezezimali, u-Enoch Godongwana wethule inkulumo yakhe ngesikhathi esinzima kakhulu. Umnotho wezwe udlakazwe yizinto eziningi. Phezu kokudlakazwa wukhuvethe olwaholela ekuvalweni kwezwe, kanye nezibhelu ezasuka emva kokuboshwa kowayenguMengameli, ucimicimi wagesi wenze isimo sokuphazamiseka kwamabhizinisi kwedlulela. Kulonyaka izinga lokucinywa kukagesi liphezulu kakhulu.
Ingqinamba ebhekana nanoma umuphi uNgqongqoshe Wezezimali kuba ngukuthi imali yokwabiwa izovelaphi? Ukuze abantu nezinkampani zikhokhe intela kufanele kube nesimo esivuna ukutshalwa kwezimali. Ezinye zalezizimo ugesi okungathenjelwa kuwona, uzinzo emafemini, nozinzo emphakathini, nezinga eliphansi lobugebengu. Konke okubaliwe akukho eNingizimu Afrika.
Umlango wenqubomgomo womnotho nesabelomali esincike kuwo ukhombisa ukuthi ngesikhathi kungena uMnu uNelson Mandela kwesobuMengameli, inhlangano ebusayo yafaka inqubomgomo egxile kakhulu ekusetshenzisweni kwemali ezidingweni zabantu (social services). Kulapho kwaqalwa uhlelo lwe Reconstruction and Development Programme. Kanti ngesikhathi kungena uMnu uThabo Mbeki kulesisikhundla kwacaca ukuthi indlela ethathwayo yileyo yokonga imali futhi ejabulisa izimakethe. Kulesisikhathi kwaqhamuka iGrowth, Employment, and Redistribution (GEAR) eyeza nokudayiswa kwezinkampani zahulumeni ezifana noTelkom, nokususwa kwemigoqo yokuhwebelana ngempahla nokuwela kwezimali. Yize umntotho wakhula ngamandla ngalesosikhathi kodwa kukhona ababeshaya amakhala ngokuthi umnotho awukhuli namathuba omsebenzi. Isimo esifana nalesi sabhekana neqembu elalibusa e-India ekuyi Bharatiya Janata Party (BJP).
Ngesikhathi kungena esikhundleni uMnu uJacob Zuma kwaba nakho ukuthi uhulumeni ubuyela endleleni yehlandla likaMnu uMandela. Yize kunjalo kunophikisana okungapheli njengoba kukhona abamncomayo ngokuthi ukucacisa kwakhe ngenqumomgomo yahulumeni malunga nesandulelangculaza nengculaza kwasiza umnotho ngoba kwasindisa izimpilo zabaningi ababamba iqhaza emnothweni wezwe. Bakhona nokho ababeka ngokuthi ihlandla likaMnu uZuma lali “yiminyaka eyi-9 eyamosheka”.
Lomlando ukhombisa ukuthi inkulumo yeNgqongqoshe Wezezimali ayisuselwa emoyeni.
UMnu uGodongwana usesimweni lapho kufanele abhalansise ukuvusa umnotho nokuvimba ukuthi abantu baseNingizimu Afrika bangasali dengwane bengukudla kobubha.
UMengameli uRamaphosa wathi esanda kungena esikhundleni kwahlasela ukhuvethe olwalusho ukuwuguqisa umnotho. Uhulumeni, ngomlomo walowo owayenguNgqongqoshe Wezezimali uMnu uTito Mboweni waqhamuka namaqhinga ahlukene okusimamisa umnotho nokubonelela izakhamizi namabhizinisi. Enye yalamaqhinga esakhona namanje yisibonelelo sabangenangeniso edume ngelika R350.
UNgqongqoshe ungume ukuthi lemali ingavalwa kepha iqhubeke, wafaka imali eyizigidimbili ezingama-57.