Now Reading
Izinhlelo zokufukula osozimboni boHlanga
Dark Light

Izinhlelo zokufukula osozimboni boHlanga

Enye yezinsika ezibaluleke kakhulu zokwelapha umlando wengcindezelo yezomnotho kwaboHlanga emakhulwini eminyaka eyedlule ukuhlinzeka ngezinhlelo zomnotho ekuhloswe ngazo ukulungisa isimo kubagilwa.

Ngemva kokusiza aboHlanga kwezomnotho kusukela ngowe-1994, uhulumeni wabona ukuthi awukho umphumela onesigqi kwenye yezinsika ezibalulekile kwezomnotho, ezokukhiqiza. Kungalesi sizathu kwasungulwa Uhlelo Losozimboni BoHlanga. NgokoMnyango Wezohwebo Nezimboni “uhlelo losozimboni abamnyama lubhekise kubantu abamnyama ababambe iqhaza ngqo ekusungulweni, ekudaleni, kubunikazi obunesigqi, ekuphathweni nasekusebenzeni kwamabhizinisi ezimboni athola ukubaluleka ekukhiqizeni izimpahla nezinsiza endaweni.

Okulandelayo izinkomba ezibalulekile zokuba “usozimboni”:

  • Ukuba nezwi elizwakalayo ebhizinisini noma embonini;
  • Ukulawulwa kwebhizinisi ngokuba namasheya;
  • Ukulawulwa kwebhodi nokuphatha; futhi
  • Ukukhiqizwa kwemikhiqizo (izimpahla kanye/noma amasevisi) asetshinziswa kakhulu.

Uhlelo Losozimboni BoHlanga lwasungulwa ukuze kwandiswe ukubamba iqhaza okuphusile kwezinkampani zaboHlanga emnothweni ojwayelekile ngokuhambisana NoHlelo Lokusebenza Lwenqubomgomo Yezimboni (IPAP). Izinsika ezintathu zalolu hlelo ukufinyelela oxhasweni, ezimakethe kanye nokwesekwa okungafaki ezemali.
Kakumangazi ke ukuthi isikhungo esineminyaka engu-60 sithuthukisa umnotho kubantu ubandlululo elalifuna ukubachithela emgqonyeni wokuntuleka komnotho, Ithala Development Finance Corporation, isifake imali ekuphemeleliseni lolu hlelo KwaZulu Natali.

I-IDFC isanda kufaka izigidi ezingama-R47 ezinkampanini ezinhlanu ezibandakanya uxhaxha lwemisebenzi yokukhiqiza kanti kule nqubo, kudaleke amathuba emisebenzi angaphezu kwama-50. Ngaphezu kwemisebenzi edaliwe, kunenani elikhulu lemisebenzi esindisiwe ngenxa yezimali ezihlinzekwe yi-IDFC.
IBlac Lyon (Pty) Ltd ehweba njenge-Isiko Republik inkampani yabesifazane eyasungulwa ngowezi-2017 nguNkz Jabulile Gwala. Le nkampani yasungula umkhiqizo wezokusubatha ogqugquzelwe ubu-Afrika. Igxile ekugqokeni okokuzivocavoca, okokubhukuda, okomgwaqo kanye nezitayela. Leli bhizinisi selisungule izimboni namaziko okukhiqiza eGoli naseThekwini.


I-Enermous Investments CC (Enermous) iyibhizinisi labesifazane bohlanga ngokuphelele, elasungulwa nguNkk uSugeshnee Naidoo. Leli bhizinisi lasungulwa ngowezi-2001 futhi laqala ukusebenza ngokugcwele ngo-2006. Le nkampani igxile emikhiqizweni yefomu esetshenziselwa ukuvala nokufaka, eminye yemikhiqizo ewumgogodla wenkampani ihlanganisa amateyipu anefomu nemicu, amateyipu esipontshi, amateyipu anezinhlangothi ezimbili, namatheyipu okudlulisa.
IGrasp Adhesives (Pty) Ltd yabhaliswa intokazi yohlanga esencane eyayiqhutshwa eyayikubona kwimboni enkulu yezokwakha nokunamathisela.

UNksz uSphetho Mncube, owayenguMqondisi wangaleso sikhathi wangena embonini yokunamathisela izintambo ngesikhathi esebenza enkampanini efaka amathayela. Ekuqaleni, lo mqondo wawumkhanga nakuba ayephuma emkhakheni wezokuphathwa kwehhovisi, wayethatheka ngemikhiqizo ekhiqizwa embonini yokufaka amathayela.

Ekwenzeni uHlelo Losozimboni BoHlanga, i-IDFC ilulumbanise nohlelo lwayo, Inkunzi Isematholeni, okuhloswe ngayo ukukhuthaza intsha ukuthi ibe osomabhizinisi. ISky Tents (Pty) Ltd yinkampani ephethwe yinsizwa yohlanga; u-Isaac Dad Mbatha. Le nkampani izibandakanya ekwenziweni kwezinhlobo ezahlukene zamatende, ama-jumping castle nama-chiller ahambayo.

See Also

Le nkampani ibuye idayise amatafula nezihlalo, amathoyilethi angomahambanendlwana, nokokuhlobisa. Le nkampani yabhaliswa ngo-2012 ngesikhathiuMnu Mbatha ebona igebe embonini eyayintula izinkampani ezikhiqizayo zabohlanga, wabamba leli thuba waziqalela elakhe ibhizinisi lokukhiqiza amatende. Kusukela ekubeni ngukhondaktha wamatekisi emigwaqweni ephithizelayo yeTheku, wagcina esengumshayeli wamatekisi nomnikazi wawo.

UMnuz Isaac Mbatha, owayeneminyaka engu-24 kuphela ngaleso sikhathi wangena embonini ayenolwazi oluncane ngayo kodwa ngenxa yokuzinikela nokuzikhandla kwakhe, iphupho lakhe lokuba ngusomabhizinisi osemnkantshubomvu selokhu lathela izithelo nokuholele ekutheni agcine ephumelele indodo yeForbes Africa 30 ngowezi-2019. I-IDFC ixhase lenkampani ukuze ithole imali yempahla kanye nemali yokusebenza ukuze kwandiswe ibhizinisi. UMbatha uphinde wasizwa nguMnyango Wezohwebo Nokutshalwa Kwezimali (i-DTIC).

I-Verigreen Packaging (Pty) Ltd iyinkampani yaboHlanga anamasheya angama-51% ebandakanyeka ekwakhiweni kwamabhodlela epulasitiki asetshenziswa emakethe ye-petrochemical, ibe namakhasimende ayi-Engen, i-Shell, i-Total, i-Sasol ne-Chevron.

Okuphawuleka kakhulu ukuthi eminyakeni eminingi ngaphambi kokwethulwa koHlelo Losozimboni LaboHlanga, Ithala Development Finance Corporation yayivele isibambe iqhaza ekufukuleni amabhizinisi ezimboni KwaZulu Natali. Njengamanje lesi sikhungo sinezizinda zezimboni ezingaphezu kuka-800 000sqm ubukhulu eSithebe, Ezakheni naseMadadeni.

Scroll To Top