Now Reading
Usomnotho uxwayisa ngenkinga izwe elikuyo
Dark Light

Usomnotho uxwayisa ngenkinga izwe elikuyo

Usomnotho uDawie Roodt uthi iNingizimu Afrika ingase ibheke ukwehliswa kwezinye izikhungo eziklelisa izikweletu zamazwe ngamazwe, kulandela ukufakwa ohlwini lwe-greylisting kweNingizimu Afrika.

URoodt uthe lokhu kuvamise ukwenzeka nakwamanye amazwe afakwe ohlwini lwegreylist  yiFinancial Action Task Force, okuyinhlangano ebhekelele ubugebengu bezezimali emhlabeni jikelele.

Uhulumeni waseNingizimu Afrika uthi unezincomo eziyisishiyagalombili ezisasele okufanele zixazululwe kanti izingqinamba ezingamashumi ayisithupha nesikhombisa ebezihlatshwe umkhosi yinhlangano ebhekele ezezimali sezilungisiwe.

URoodt uthe iNingizimu Afrika ingase ibhekane nokwehliswa kwezinga lezilinganiso.

See Also

“Imvamisa okwenzekayo ukuthi uma kunokufakwa ohlwini lwegreylist kwezwe, lokho kuvame ukuhambisana nokwehliswa kwezinga lezilinganiso. Manje, ngilalele uNgqongqoshe Wezezimali enkulumweni yakhe yesabelomali njengesibonelo noma ngosuku olwandulela inkulumo yakhe yesabelomali.

Une-trajectory kokuthile kwaleyo matrix yezimali, njengesibonelo njengokushoda okuhlobene neGDP. Futhi njengoba umnotho ungakhuli noma mhlawumbe osebenza buthaka kakhulu kunalokho obekulindelwe nguNgqongqoshe, ungase wehlisele phansi kunoma yisiphi isigameko. Futhi phezu kwakho sithole uhlu lwegreylist, ngakho-ke nginovalo lokuthi mahle kakhulu amathuba okuthi singabona ukwehliswa okwengeziwe kwezilinganiso.”

Scroll To Top