Kuhlukene phakathi ukukhuluma ngempi ekwaIsraeli



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Njegoba bekulindelekile, amazwe nezinhlaka zomhlaba zamazwe zizwakalise ilaka ngokwehlukile mayelana nempi equbuke phakathi kwe Israel ne Palestine emva kokuba izigagayi zeHamas zithele i-Israel ngezibonkolo zemicibisholo ekhafula umlilo ngoMgqibelo. Lokuhlasela okwenzeke eNingizimu ne-Israel kuholele ekutheni i-Israel ihlome ihlasele eGaza lapho kuphethe khona i-Hamas.
IMelika enomlando omude wokuxhasa i-Israel isheshe yaphumela obala yazwakalisa ukuhambisana nokuhlasela kwe-Israel, ekuthatha njengokusebenzisa ilungelo layo lokuzivikela. Umlando ukhomba ukuthi noma ngubani ozimisele ngokuphumelela ukhetho lobumengameli nezinye izikhundla eMelika kuba kuhle ukuthi aphumele obala ngokuxhasa ilungelo le-Israel lokuba khona njengezwe nelokuzivikela. Okuqhathe kakhulu iHamas neMelika ngukuthi ekuhlaseleni kwayo ngemicibisholo ebalelwa ezinkulungwaneni ezi-2 kufe amaMelikana ali-14. UMengameli WaseMelika, uJoe Biden uthe: “IMelika ne-Israel ngamathe nolimi. Sizoqiniseka ukuthi i-Israel inakho konke ekudingayo ukuzivikela”

Izikhulu eziphezulu ze-UN, okuhlanganisa neHhovisi Lomxhumanisi Okhethekile we-UN for the Middle East Peace Process, uTor Wennesland (osesithombeni ngaphezulu), balokhu benza imizamo yokwehlisa ulaka kwimihlathi eyalanayo. Lokhu bakwenza ngokuxoxisana nabathintekayo kule ngxabano nalabo ababalulekile, okuhlanganisa i-United States, Qatar, kanye ne-European Union,
Imishini yokugcina ukuthula ye-UN e-Lebanon, i-UNIFIL, iqhubekile nokuqapha isimo sezokuphepha esimazonzo emngceleni wakwa-Israel-Lebanon. Kuzokhumbuleka ukuthi nasemva kwempi ya-1967 phakathi kwama-Arabhu ne-Israel, iLebanon ne-Israel bebelokhu beqhubekile nokubanga iGolan Heights, yize kuvele kukhona umbango ngalendawo phakathi kweSyria neLebanon. Ngowezi-2019, njengengxenye yomkhankaso kowayenguMengameli waseMelika ngalesosikhathi uDonald Trump wokuphumela obala ngokuxhasa i-Israel yathatha isinqumo sokwamukela ngokusemthethweni ukuthi iGolan Heights ngumhlaba we-Israel.
Inhlangano ye-UN yokusiza ababaleki basePalestine, i-UNWRA, njengamanje inabasebenzi bakazwelonke nabakwamanye amazwe abayizinkulungwane ezili-13, eGaza kanye nabacishe babe yi-4,000 eWest Bank. Ngaphezu kwalokho, amakhulu ezisebenzi aqhubeka nokusebenzela ezinye izinhlaka ze-United Nations kulendawo ekuliwayo kuyo.
Imibono yaseAfrika ihlukene. IKenya neGhana bakhiphe izitatimende eziqatha ukweseka i-Israel. UMengameli waseKenya uWilliam Ruto, obonwa njengomxhasi obalulekile weNtshonalanga, unxuse umphakathi wamazwe omhlaba ukuthi uthathele izinyathelo “abenzi bobubi, abagqugquzeli, abezimali, abaxhasi, abalandeli nabavukuzi” balokho akuchaze njengezenzo zobugebengu zobuphekula. URuto naye ucele ukuthi kumiswe ukulwa kodwa isitatimende sakhe asehlanga kahle ezingxenyeni ezithile zomphakathi waseKenya, ezinye zazo ezizwakalise ukweseka iPalestine.
UMnyango Wezangaphandle eGhana uthe “ukugxeka ngokungananazi” ukuhlasela kweHamas, futhi wacela ukuthi leli qembu lihoxise izigagayi zalo kwa-Israel. I-Rwanda ikhiphe isitatimende esifanayo igxeka ukuhlasela yathi: “Isimo samanje siyakhathaza futhi sidinga ukuthi kwehliswe amaphaphu ngokushesha.”
Kodwa uMnyango wezobudlelwano bamazwe ngamazwe waseNingizimu Afrika, ngesikhathi ugxeka ukubheduka kodlame, uthe ukungqubuzana kuqubuke “ngenxa yokuqhubeka kuka-Israyeli ukudla nokuqhoqhobala umhlaba wasePalestina ngokungemthetho, ukuqhubeka nokwandiswa kwezindawo zokuhlala ama-Israyeli ezindaweni zamaPalestina, ukunyeliswa kwe-Al Aqsa Mosque kanye nezindawo ezingcwele zobuKristu, kanye nengcindezelo eqhubekayo yabantu basePalestine.” INingizimu Afrika yazinikela ngokusebenzisa amava nobuchule bayo bokulamula nokuxazulula izingxabano njengoba ixhasa “inqubo yokuthula yangempela” ezoletha isixazululo samazwe amabili angomakhelwane.
Khonamanjalo, uSihlalo we-African Union (AU) uMoussa Faki ubalule ( osesithombeni ngenzansi) “ukunyathelwa kwamalungelo ayisisekelo abantu basePalestine, ikakhulukazi izwe elizimele,” njengembangela enkulu yokungezwani phakathi kwe-Israel nePalestine. I-AU iphinde yacela ukuthi kuqedwe ukulwa kuxoxiswane ukuze kufezeke umbono othi iPalestine ne-Israel zibe amazwe amukelekile angomakhelwane ababili.

Imbumba ebibonakala ikhona kwi-European Union mayelana nempi ye-Israel ne-Hamas isikhombisa ukubhidlika.
NgoMsombuluko, uCommissioner for European Neighbourhood and Enlargement u-Olivér Várhelyi umemezele ukuthi iKhomishana izobamba usizo lwama-euro ayizigidi ezingama-691 olunikezwa i-Palestinian Authority, nokuthi kuzomiswa konke ukukhokhelwa kwePalestinian Authority. Kepha kushintshile ukudla ogqokweni ngemuva kwamahora, lapho leso sinyathelo sidale ukukhathazeka kuyo yonke inhlangano.

Isikhulu esiphezulu se-EU. uJosep Borrell, uthe iKhomishini “ngeke imise ukukhokha okufanele” njengoba “ukujezisa bonke abantu basePalestine” bekuzolimaza izintshisekelo ze-EU esifundeni futhi lokhu kuzovele kukhuthaze amaphekula amanye.” I-European Union izithola isenkingeni ngoba uma ixhasa iPalestinian Authority ithola ukugxekwa ngokuthi idla gqokweni linye nezitha ze-Israel. Ngakolunye uhlangothi uma ihoxisa uxhaso ibonakala ijezisa “abangenacala”. IWest Bank iphethwe yiPalestinian Authority ebuswa yiPalestinian Liberation Organisation (PLA) kanti iGaza iphethwe yiHamas.
Ngaphambi kwalengwijikhwebu bekuvele kukhona ukungaboni ngasolinye ngaphakathi kweKhomishana mayelana nokuthi ilumise yini usizo ku-Palestinian Authority.
Amazwe ama-Arabhu nangawe-Islam azwakalise ukuma nePalestine. UZaman Mehdi oliSekela Lomele iPakistant kwi-United Nations, ugxeke kabi i-Israel ngokuphaka impi iyibhekise kubantu basePalestina abangewona amasosha. I-Arab League inxenxe zonke izinhlangothi ukuthi zehlise amaphaphu kepha yagxeka i-Israel ngokuba nenqubomgomo enodlame ePalestine.
IChina izwakalise ukukhathazeka ngodlame olubhedukile yanxenxa ukuba kwakhiwe ukuthula. Kanti iRussia nayo ihlabe ikhwelo lokuthi izinhlangothi ezilwayo zehilise amaphaphu.