Igalofu akuselona elabesilisa kuphela nembokodo isiyazenzela



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Isibhuda sengabadi sesiqala ukungenisa emdlalweni wegalofu onamukhulunyaka uthathwa ngokuthi ungowabesilisa kuphela.
Ngokwamarekhodi asemthethweni eNingizimu Afrika abesibhuda baqala ukuzibandakanya nokuvunyelwa ukudlala lomdlalo ngowe-1889 enkundleni iCape Golf Club, eyabuye yabizwa nge Royal Cape Golf Club ngowe-1910. Nakhona belu kufakwa abesibhuda nje ngoba amalunga esilisa ayesehluleka ukugcina inkundla nekilabhu. Ngamanye amazwi abesibhuda bafakwa ngoba indlu seyiwa sekudingeka izinsika zokuyivusa.
Abengabadi bona kuthathe isikhathi eside kakhulu ukuthi bangene kuzomdlalo njengoba nabesilisa bendabadi nabo bebevinjwe isikhathi eside. Yize emazingeni ezimfundamakhwela bebaningi abesibhuda bengabadi abadlala lomdlalo, kusinda kuyehlela emazingeni akhokhelwayo.
Intokazi eze yavela ngowe 2014 lapho iphumelele ukungena izivivinyo zokudlala emazingeni akhokhelwayo, nguNobuhle Dlamini waseSwatini. Wakhombisa ikhono eliphezulu esadlala ezingeni lezimfundamakhwela.
Eneminyaka eli-17 wadla umhlanganiso ngowezi-2009 eba ngowokuqala ngqa omnyama emlandweni walomncintiswano weminyaka eli-103 ukuphumelela. Okubaluleke nakakhulu ngukuthi lokhu wakwenza enkundleni ekwaqala kuyo ukwamukelwa kwabesibhuda ngowe-1889.
Waqhubeka wadla umhlanganiso emincintiswaneni eminingi kubandakanya i-South African Women’s Open ayiphumelela ngowezi-2018.
Liyakhula nokho ibutho lesibhuda kulomdlalo. INingizimu Afrika seyinabadlali begalofu besibhuda bohlanga abatthathu, okungo Siviwe Duma, Zethu Myeki, noYolanda Duma abaqhamuka eMdntsane.
Lezizintokazi zakwaDuma baqhamuka ohlelweni lokuthuthukisa umdlalo wegalofu lapho bedlale bashisa izikhotha emazingeni ezimfundamakhwela ngaphambi kokuba bangene emazingeni akhokhelwayo.
NoZethu Myeki naye oqhamuka esiFundazweni saseMpumalanga-Kapa akafunanga ukusala. Nazo lezizintokazi zibhekene nezinkinga ezifanayo nalezo eziyingqinamba zababadlali besilisa bengabadi okuwukungabi nabaxhasi.
UYolanda Duma usekhombisile ukuthi akazanga ukuzoshayela abanye izandla njengoba eseke wadla umhlanganiso kaningana, kubandakanya iStandard Bank Pro-am Series. uSiviwe Duma yena wangena emazingeni akhokhelwayo ngowezi-2016.
UMyeki naye wadla umhlanganiso emazingeni akhokhelwayo okokuqala ephumelela iStandard Bank Pro-am Series eParkview.