Uyisibani nenhlansi yethemba kwabesimame emdlalweni wegalofu uZethu



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Umdlalo wegalofu uthi uyinqabakutholwa kwaboHlanga ngenxa yomlando wobandlululo ube njalo nakakhulu kwisibhuda boHlanga. Umlando wabesibhuda emdlalweni wegalofu usukela eminyakeni we-1889 enkundleni iCape Golf Club lapho bamukela khona abesibhuda okokuqala ngqa.
Nakhona kwakungenxa yokuthi ikilabhu yayiwa ngenxa yokweswela amalunga. Kuze kube iminyaka embalwa eyedlule laba besibhuda ababenethuba lokudlala bekuyilabo abamhlophe.
Ukubandlulula ngobulili buqhubeka njengoba inhlangano yabesibhuda abadlalela imali (amaprofeshinali) ize yabunjwa ngokusemthethweni ngeminyaka yawo 1980.
Abohlanga baze bavela kulomdlalo emazingeni eminyakeni embalwa eyedlule ngokuthi kuvelele intokazi yaseSwatini uNobuhle Dlamini ongene kulomdlalo washisa izikhotha esafunda waze wafinyelela e-University of Pretoria. UNobuhle ugcine esengena emazingeni akhokhelwayo.
Bakhona abesibhuda bohlanga asebekhethe ukulandela ezinyathelweni zikaDlamini. Intokazi yaseMpumalanga Koloni, uZethu Myeki (osesithombeni) ufike kwazwakala. Ngenxa yokudlala kahle kwakhe nokuziphatha ngendlela eyamukelekile kulomdlalo owakhelwe phezu kumthetho oqinile, emva kweminyaka emibili engenile emazingeni akhokhelwayo, uZethu usekwazile ukuthola uxhaso lwenkampani esembonini yezimali.
UZethu, okleliswe waba ngowama-26 kwiSunshine Ladies Tour. Le ntokazi isimele iNingizimu Afrika amahlandla ayisikhombisa. Waqala ukudlala eneminyaka eli-13, enkundleni yebhola eMdantsane lapho azalelwa khona.
Izinto zishintshe lapho ejoyina i-Ernie Els & Fancourt Foundation neWomen’s Golf South Africa. Izinga lakhe lokudlala libe selisintsha kakhulu wazithola esemazingeni aphakeme alomdlalo. Okukhulu nokumjabulisayo ukuthi ngonyaka wezi-2021 wadla umhlanganiso emncintiswaneni weStandard Bank Pro-Am eParkview Golf Club. IPro-Am uhlobo lomncintiswano lapho kusuke kuxutshwe abezinga elikhokhelwayo nabangakhokhelwa.