Phezu komkhono: Uhlelo lokuhlomisa abalimi kuliwe nendlala



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Esikhathini lapho kunokukhala okukhulu ngokunyuka kwentengo yokudla, kamuva nje amazambane namaqanda nokunye, ezolimo zibaluleke nakakhulu kunakuqala. Imiphakathi eminingi inezindawo ezingalinyiwe, kanti ezazilinyiwe sezaba ngamafusi.
Uhulumeni WesiFundazwe, uholwa ngoWezolimo Nokuthuthukiswa kwezindawo zasemakhaya wethule isizini yokutshala eNzinga eMpendle. Lokhu kuhambisana nohlelo lokulekelela abalimi ngemishini yokulima nokutshala, imbewu, kanye nesikhuthazi. I-Provincial Multi-Planting Season iyindlela yoMnyango efaka okuningi yokusiza imiphakathi kanye nabalimi abancane, ukuqinisekisa ukuthi banokudla okwanele, okuphephile nokunomsoco.
Angaphezu kuka-20 000 amahhakela azotshalwa kulesi sikhathi sonyaka e-KZN yonke ngommbila ophuzi, ubhontshisi owomile kanye nazo zonke izinhlobo zemifino.

Abalimi baxhunyaniswa nemakethe lapho bezodayisa khona umkhiqizo wabo osezingeni eliphezulu. Kulo mcimbi bekukhona nezinkampani, ezifana neGolden Dice, ezizinikele ngokuthi zizothenga isivuno sabalimi.
Imiphakathi ebambisene noMnyango izothola izeluleko zochwepheshe, izinsiza zokulima, izithombo kanye nomhlaba. UNdunankulu uNomusa Dube-Ncube uthe ukutholakala kokudla kuyinselelo kuzwelonke wathi isifundazwe saKwaZulu-Natal sinemizi eminingi ezindaweni zasemakhaya ezihlwempu ebhekene nenkinga yokugqoza kokudla. “Ngakho-ke, ekuphenduleni, uMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya KwaZulu-Natal ungenelele ukusiza imindeni entulayo kanye nabalimi, wabanikeza ithuba lokubamba iqhaza emnothweni wesifundazwe”, kusho uMhlonishwa uDube-Ncube.
Uqhube wathi: “Lesi yisikhathi sokutholakala kokudla, sizoqeda ububha nendlala. Sifuna bonke abantu bakithi bazakhele ingcebo yabo futhi baphumelele. Akekho okufanele athi akasebenzi ekubeni enomhlaba okwazi ukukhiqiza futhi adayise ezimakethe. Sikhuthaza imiphakathi ukuthi isebenzisane namakomidi ezigceme lapho izothola khona ulwazi olwanele. Siwuhulumeni waseKZN sifuna ukuhlangabezana nezidingo zenu ngoba sizinikele ekusebenzeleni abantu, sifuna nokubona intsha isukumela phezulu, izimisela ngokulima,” kusho uNkk Dube-Ncube.
Izivande emakhaya
UNgqongqoshe uSuper Zuma uthe imvula ena eMpendle kuleli sonto ibika impumelelo ngesikhathi sokutshala. Ugcizelele ukuthi uMnyango wezoLimo nokuThuthukiswa Kwezindawo zaseMakhaya KwaZulu-Natal uzoqhubeka nokusiza imiphakathi yasemakhaya ukulwa nobubha nokungalingani.

“Sizolwa nendlala sihlinzeke ngokutholakala kokudla ngohlelo lwethu lwe-One Home One Garden, akumele kube nekhaya elingenasivande. Kade sikhuluma nabaholi bezenkolo ukuthi baqhakambise uhlelo lwe-One Church One Garden emabandleni abo futhi sesibanxusile ukuthi basebenzisane noMnyango. Lolu hlelo siludlulisele nasezikoleni, i-One School One Garden sesidale namathuba omsebenzi,” kusho uMnu Super Zuma.
ONgqongqoshe bavakashele iNtshiyabantu Communal Estate, umfelandawonye ongamahektha ayi-110 ozotshala ummbila ophuzi kule sizini. Kwasatshalaliswa ogandaganda, umanyolo, umquba namanye amakhemikhali ukuze kuhlomule wonke amalungu angama-67.

USihlalo weNtshiyabantu Communal Estate, uMnuz Reuben Nkontwana, uthe imindeni iyakuthokozela ukungenelela koMnyango. “Liphezulu izinga labantu abangasebenzi lapha ezindaweni zasemakhaya kodwa njengoba sesinomhlaba nosizo oluqinisekisiwe oluvela eMnyangweni wezoLimo nokuThuthukiswa kwezindawo zaseMakhaya, awukho umndeni ozolamba. Sinethemba lokuthi kuzoba nemvula eningi ukuze sibe nensada yemikhiqizo ezosilethela imali eyanele imindeni yethu,” kusho uMnu Nkontwana.