AboHlanga egalofini bazoncintisana eGoli



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Abadlali begalofu elikhokhelayo boHlanga abali-14 bahlasele eGlendower eGoli kuleliviki. Zizobe zitholene phezulu emncintiswaneni iFortress Invitational ongenelwe abadlali abali-130 abavela emazweni ahlukahlukene okubalwa kuwo iZimbabwe, iNingizimu Afrika, iNamibia, iZambia, namanye.
Lelinani labadlali boHlanga yize lilincane uma kubhekwa ukuthi abangenele sebebonke bali-130, likhombisa ukuzimisela kwabohlanga emdlalweni onamakhulukhulu eminyaka bevinjiwe kuwo ngenxa yebala labo.
Le nkundla iGlendower ingeyekilabhu enabadlali abafana noJames Kamte ongomunye wamavulandlela egalofini oke wadla umhlanganiso emincintiswaneni efana ne-Asian Tour International, iBMG Classic neminye. abangenele lomncintiswano yilaba: USipho Bujela, u-Evance Vukeya, uSimphiwe Siphayi, uToto Thimba Jnr, uKarabo Mokoena, uSiyanda Mwandla, uMakhetha Mazibuko, uMusiwalo Nethunzwi, uJastice Mashego, uTeboho Sefatsa, uThabang Simon, u-Alphius Kelapile, u-Irvin Mazibuko noFezekile Kana.
Ngaphandle kwalaba bohlanga abali-14 baseNingizimu Afrika bakhona nabamanye amazwe bohlanga abangenele lomncintiswano. Omunye wabo nguMadalitsu Muthiya waseZambia oke wadla umhlanganiso kwiVodacom Origins of Gold eWild Coast.