Now Reading
Basola ubuholi obuphezulu ku-ABC ngokunikana izikhundla zobukhansela
Dark Light

Basola ubuholi obuphezulu ku-ABC ngokunikana izikhundla zobukhansela

UMengameli weqembu lezepolitiki, i-Abantu-Batho Congress, uzithola ephunga impi yegceke njengoba esolwa abangaphakathi eqenjini ngokuphatha iqembu ngathi yikwakhe noma isiphaza.

Phakathi kwezinto asolwa ozakwabo ngazo kubalwa ukungabizi imihlangano yezinhlaka zeqembu, ukungabikho kwemibiko ngezimali noSikhwama weqembu, ukuxoshwa kwabaholi abamphikisayo, ukuthatha izinqumo yedwa nokuthatha abasebenzi bakhe abenze amakhansela. Isibonelo esivezwe abamgxekayo yileso sokuthi ikhansela elisanda kususwa eMvoti ikhansela, uNks Janet Jagwan wayothatha isikhundla ebesibanjwe uMnu uPhilani Mavundla emkhandlwini wase-eThekwini lalivele lingene ngendlela engenelisi ngoba laliyisisebenzi saMnu uMavundla.

Elabohlanga seliputshezelwe incwadi ebhalwe egameni lezinhlaka ezintathu zaseThekwini lapho kucelwe isigungu sesiFundazwe se-ABC ukuthi singenelele odabeni lokufakwa eMkhandlwini weTheku kwekhansela elisuka eMvoti ngaphandle kokubonisana nokulandela uhlu olwakhiwa ngesikhathi kuyiwa okhethweni lohulumeni basekhaya ngowezi-2021.

Emuva kokwehluleka enkantolo ukuvimbela ukukhishwa kwakhe njengoSekela-Meya eThekwini, uMnu uMavundla wamemezela ukuthi iqembu lakhe selimthume ukuthi ayosebenza eMkhandlwini uMvoti. UMnu uMavundla wake waba yiMeya kulomasipala esalilunga le-ANC.

Kunanesikhalo sokuthi amakhansela abanjelwa uhafu womholo wawo. Ngenxa yalokhu kunamalunga eqembu agcine eshiyile. Elinye lalamalunga uMnu uSibongiseni “Babashane” Shange ogcine esejoyina Inkatha Freedom Party waphinde wadla umhlanganiso okhethweni lokuchibiyela kwiwadi-2 eSweetwater, ngaphansi kwamasipala uMsunduzi.

Ebuzwa ElaboHlanga, uMnumzane Shange uthe: “Kuyiqiniso konke abakutshele kona abasangaphakathi eqenjini, (uMavundla) uselibulale waliqeda iqembu, iNEC yagcina ukuhlangana kungakafiki nokhetho lohulumeni basekhaya kodwa uthatha izinqumo yedwa ngaphandle kweNEC. Mina sabanga indaba yokudonselwa ama-50% emholweni empeleni kwaba kungawona ama-50% kwakungama-75%  imina engalwa kwaze kwehla kwaba ngama-50%.”

UMnu uShange uqhube wathi: “Mina ke nganqaba ukubanjelwa lo50% ngoba akukho emthethweni. Lobaba uxhaphaza abantu, nginesiqiniseko ukuthi wonke amakhansela ahlukumezekile, lifile nje liphelile leliqembu, mina sengajoyina iqembu le-IFP. Isphaza sikaMavundla akulona iqembu lepolitiki. Mina ngangingeke ngihlalele into engekho.”

Kukhalwa nangokuthi ayikho imibiko yokusebenza kwezimali zeqembu.

See Also

Yize abagxeka uMnu uMavundla bethi bayasaba ukuveza amagama abo ngoba uMavundla wafaka kuMthethosisekelo ukuthi nguye yedwa onelungelo lokukhuluma nabezindaba, uMnu uBonga Nzuza owuSihlalo we-ABC esifundazweni iKwaZulu-Natal uziphikile izinto ekusolwa ngazo uMnu uMavundla.

UMnu Nzuza uthe: “Angazi ukhuluma ngani, ngoba imihlangano  yeKomidi Lesifundazwe iyahlala. Owokugcina nje ubumhla zi-4 kuNdasa 2023.  Ngonyaka owedlule mhla zili-12 kuZibandlela ngangibize bonke ubuholi bezifunda ePinetown Civic Centre kwakungumhlangano wokuvala unyaka  lowo. Ubuholi besiFundazwe buhlela umhlangano wezifunda zonke zaKwaZulu-Natal ozoba maduze nje.”

Ebuzwa ngalezizinsolo ezibhekiswe kuye, uMnu uMavundla uthe Elabohlanga lingaqhubeka libhale udaba.

Khona manjalo, sekuvele imibiko yokuthi i-ANC ne-ABC banetulo lokukhipha iMeya yeNkatha eMvoti kungene uMnu uMavundla.

Scroll To Top