Zithole ukwesekwa izinhlelo zokuvuselela izingxenye zePhoyinti



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Izinhlelo zeTransnet National Ports Authority (TNPA) zokuthuthukisa kabusha iPhoyinti echwebeni laseThekwini ngokweseka Uhlelo Olukhulu Lwechweba laKwaZulu-Natal zithole umfutho omkhulu. Njengengxenye yalolu hlelo kuzonwetshwa iPoint Automotive Terminal,njengamanje esifinyelele ekugcineni kwendawo yokusebenzela, kanye nokuthuthukiswa kwesikhungo samakhontena.
Ukuthuthukiswa kabusha kwePoint Precinct kuhambisana nomsebenzi omkhulu weTransnet wokuhlengahlengisa izindleko zokwenza ibhizinisi, ukuze kukhule umnotho, ukuphepha kokuhlinzekwa kwezidingo ngokwakha ingqalasizinda
Loluhlelo lokuthuthukisa kabusha amachweba iRichards Bay neDurban aluqali. Lwake lwaqalwa eminyakeni eyedlule kodwa yaba nezingqinamba. Ngonyaka odlule iBhodi leTransnet laphasisa loluhlelo ukuthi luphinde luqale kabusha. Uhlelo olungengalolu luthatha isikhathi eside ngoba kunemibandela eminingi ekufanele kudlule kuyo enjengeyezemvelo nefagugu.
Ukuthuthukiswa kabusha kwechweba kuzodinga izakhiwo ezithile zidilizwe ukuze kwakhiwe amatheminali ezimoto ahlongozwayo. Amabhilidi amaningana nezakhiwo sekuneminyaka engaphezu kwengama-60 ubudala, futhi ngokulawula kweKwaZulu-Natal Amafa and Researh (Amafa) Institute Act kumele kufakwe isicelo sokubhidliza bese kuvulelwa umphakathi ithuba lokuzwakalisa ilaka lawo.
Ukubhidlizwa kwe-Ocean Termnal Building kuzokwandulelwa Ukuhlolwa Komthelela Kwezemvelo. Lezizinhlelo zizokwenziwa iziqeshana bese ukubhidliswa kwebhilidi kuqale ngasekuqaleni konyaka wezi-2024.
“Ukuqaliswa ngempumelelo kokwakhiwa kabusha kwePoint Precinct kuzoba noumthelela omuhle kwezenhlalo-mnotho hhayi eDolobheni laseThekwini kuphela, kodwa nasemphakathini KwaZulu-Natal kanye neNingizimu Afrika yonkana. Silindele ukudalwa kwemathuba omsebenzi alinganiselwa ezinkulungwaneni ezinga-500 ngaphakathi kumklamo nasezinhlelweni ezidalwa yiwo umklamo iDurban Port Masterplan, ezokwenza ngcono izimpilo kanye nempilo ye abantu baseNingizimu Afrika abebencishwe amathuba ngakwezomnotho” kusho uNkz uMpumi Dweba-Kwetana oyiMenenja Yechwepha LaseThekwini.
Uqhube wathi: “Uma sithatha ngokuthi umndeni ngamunye unamalunga ayi-6 kuya kwayi-8, kusho ukuthi abantu abayizigidi ezi-3 bazohlomula.”
Umsebenzi onjeengalona ungaba nomthelela omuhle kakhulu njengoba izwe linomnotho ontengayo. Usuwonke lomklamo ubandakanya ukuthuthukiswa kabusha nechweba laseRichards Bay ekunenhloso yokuthi lisetshenziswe njengesizinda esingenamanzi.
Inkampu yamasosha asemanzini eseThekwoini izothuthela eRichard Bay. Lokhu kumenyezelwe ngesikhathi UMbutho Wamasosha aseNingizimu Afrika eviliyela nawaseRussia nawaseChina emaseontweni ambalwa edlule.
Ukuthutha kwaMasosha Asemanzini kuzodla email eizigidigidi eziyi-9, futhi kuyingxenye yemiklamo engama-30 eyingxenye he KwaZulu Natal Logistics Hub Programme engaphansi kwe Transnet National Port Authority.
Usuwonke umklamo kulinganiswa ukuthi uzodla imali eyizigidigidi zamarandi ezili-100.