Now Reading
Ithala liyaziphungela kwelokuphakelwa kwezingane ezikoleni
Dark Light

Ithala liyaziphungela kwelokuphakelwa kwezingane ezikoleni

Udaba lwezingqinamba zohlelo lokuphakelwa kwezingane zesikole esifundazwe iKwaZulu-Natal alupheli njengoba sekuvele ukuthi kukhona osonkontileka abakhala ngokuthi abalutholi uxhaso lokubolekwa imali yi-Ithala.

Emasonweni edlule elaboHlanga like labika ngalempicabadala lapho khona inkampani iPacina yathola umhlomulo wokwengamela lonke lolu hlelo esiFundazweni. Ngokwalenqubo entsha eyafakwa nguMnyango Wezemfundo nonyaka, osonkontileka ababelwe izikole kufanele bathathe ukudla kulenkampani iPacina.

Ziyime emthumeni lapho sekutholakala ukuthi iPacina iyehluleka ukufeza izivumelwano, okwaholela ekutheni izinkulungwane zezingane zingakutholi ukudla ezikoleni. Lokhu kwaholela ekutheni othisha bagcine sebesheshe bazikhiphe ukucabangela ukuthi zibulawa yiphango. Lolu daba lufake phakathi nenkampani enkulukazi iSpar njengoba iPacina inamagatsha alesitolo esifundazweni. ISpar saveza ukuthi yake yaphakamisa kwiPacina ukuthi abanye abanalezitolo esifundazweni bayilekele kepha ayaze yaphendula.

UMnyango Wezemfundo wabe usumemezela ukuthi usunqume ukusebenzisa isigatshana esisesivumelwaneni nePacina esivumela ukuthi uhulumeni ungaba ngenye indlela uma kuvela isimo lapho iPacina ihluleka ukwenza umsebenzi. UMnyango wabe usuyalela osonkontileka ukuba bethenge noma kuphi.

Ngenxa yokuthi osonkontileka babengahlinzekele ukuthi kuzoba nalolu shintsho bazithola befaka izicelo enkampanini yahulumeni okuyi-Ithala Development Finance Corporation(IDFC). I-IDFC inohlelo lokuboleka imali lowo osuke ethole umhlomulo kuhulumeni. Ngokwalolu hlelo kudingeka ofaka isicelo aveze isivumelwano phakathi kwenkampani yakhe noMnyango kahulumeni ukuze Ithala lizokwazi ukukhokha. Kamuva nje kuvele ukuthi kukhona abakhononda ngokuthi Ithala aliziphumelelisi izicelo zabo.

See Also

Esitatimendeni esikhishwe yi-Ithala, lenkampani yahulumeni ivumile ukuthi ayiboleki noyedwa kulabo abafake izicelo. Ithala likhala ngokuthi isivumelwano esinikwe osonkontileka asiyiniki ithemba lokuthi imalimboleko izobuya njengoba kubhalwe ukuthi uMnyango ungasinqamula noma kunini lesivumelwano. “Njengenkampani ebolekisa ngemali futhi esebenzisa imali yabakhokhintela, sinesimiso sokuthi siqinisekise ukuthi imali esibolekisa ngayo izobuya, njengokulawulwa yiNational Credit Regulator Act neFinancial Intelligence Centre Act,” kusho uNkk uStandiwe Dimba okhulumela Ithala.

UNkk uDimba uqhube wathi bayaxoxisana noMnyango Wezemfundo ngoba ukudla kwezingane yinto ebaluleke kakhulu.

Scroll To Top