Iqhina embizeni: Ingonyama Trust ithi uhulumeni uyihlinzela ezibini



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Intabamlilo ekade ibila igcine isidubulile lachitheka udaka. Lokhu kulandela umbiko owethulwe nguSihlalo we-Ingonyama Trust Board, uMehluleli uJerome Ngwenya.
Emasontweni amabili edlule kuqale kwavela imibiko ebikhuluma ngemali okuthiwa idukile. Lokhu kudicilele phansi igama leSihlalo, ISILO noZulu wonkana. Lokhu kwenze ISILO sajuba ukuba kube nombiko ovulelekile nozokwenziwa nguSihlalo we-ITB, uMehluleli UNgwenya. Lokhu ngokomyalelo weSILO bekumele kwenzeke ezinsukwini eziyisikhombisa. ElaboHlanga lithole ukuthi lokhu kwenzekile futhi kusaqhubeka. Umbiko kaMtimande osihloko sithi: Report on the Workings of Ingonyama Trust with emphasis on its financial ( Presented to his Majesty, ISILO Misuzulu kaZwlithini on the 14th of March 2023) ufinyelele koMdala, ehhovisini likaNdunankulu kaZulu uMntwana nakwabezindaba. NgoLwesithathu uMtimande ubesemsakazweni omkhulukazi UKhozi FM nayilapho ebephendula ngezinsolo ecacisa nangawo umbiko.
Embikweni kaNgwenya uyakuphika ukuthi kukhona imali eyebiwe noma enyamalele. Kunalokho usola uhulumeni (umnyango) ngokunganiki Ingonyama Trust Board izimali zokusebenza. Kulokhu uthi isenzo somnyango siphoqa ukuba Ingonyama Trust ikhiphe imali eseyize yafinyelela kumarandi ayizigidi ezingama-R120 kusukela ngowezi-2015 kuya kowezi-2021.
Kumbiko wakhe uMtimande uthe Ingonyama Trust yakhiwa yaba ngumlondolozi wempahla yabantu bakwaZulu okungumhlaba. Umthetho ubeka ngokuthi kuneTrustee eyodwa ekuyiSILO esisuke sibusa. Ukuze isebenze, kuneBhodi ekuthiwa yi-Ingonyama Trust Board elikhethwa nguhulumeni ngaphandle kukaSihlalo walo ekufanele aphakanyiswe yiSILO.
“Ngokomlando kwakuhlelwe ukuthi IMikhandlu Yamakhosi iziphathele imihlaba uhulumeni akhokhe irenti ngokusebenzisa umhlaba njengoba kwakhiwe izinto ezifana namakliniki namahholo nezinye. Lemikhandlu bekufanele izakhele imali yokuzisimamisa ngokukhokhisa irenti kulabo abasebenzisa okwayo okungumhlaba. Kepha uhulumeni ugcine engakhokhi.
UMtimande uchaze ngokuthi Ingonyama Trust umhlaba iwubambele izizwe ezingaphansi kwemiKhandlu Yamakhosi ngokwahlukana kwawo. Ukungakhokhi kukahulumeni imali uSihlalo athi yevile kwisigidigidi esisodwa yikho okudala kunswinyeke Ingonyama Trust Board neMikhandlu Yamakhosi ekufanele ngabe iyahlomula. Ngesikhathi uhulumeni engakhokhi i-IT yaphoqeleka ukuthi ixhase i-ITB ngezimali ekungenasiqiniseko sokuthi zizobuya.
“Sesizame kaningi ukuxoxisana nohulumeni emazingeni aphezulu ngaloludaba kepha kunhlanga zimuka nomoya,” kusho uMehluleli.
Uqhubeke wathi kungenxa yalezizingqinamba ezenze ukuthi i-IT igcine seyamukela isiphakamiso songoti sokuthi akube nophiko lokuhweba ukuze kwakheke inzuzo ezokwazi ukuvala isikhala kwenzeke nenzuzo ukuze kuvaleke isikhala esidalwa nguhulumeni.
Isethenjwa sangaleso sikhathi (Trustee) uBhejane yasamukela isincomo sokuthi kwenzeke lokhu. Kulapho kuzaleke khona inkampani ebizwa nge Ingonyama Holdings. “Kuyinto eyaziwayo ukuthi uma uqala inkampani kufanele utshale imali kuyona ukuze iqale ukusebenza. Ngakho ibhodi lanquma ukufaka izigidi ezili-10 zamarandi njengemali yokuqala umsebenzi ekungalindelekile ukuthi Ingonyama Holdings iyibuyise. Zonke ezinye izimali ezilandelayo ezifakwa kulenkampani, ziyisikweletu ekufanele sikhokhelwe umnikazi walenkampani ekuyiNgonyama Trust. Kuze kube namhlanje Ingonyama Trust isifake kwiNgonyama Holdings imali engangezigidi ezingama-41,” kuchaza uNgwenya.
Uqhube wathi ngowezi-2019 i-IT yahlaba ikhwelo lokuthi kuze ngaphambili izinkampani nezincomo zokuthi IT ingasebenza kanjani njengebhizinisi futhi yenze inzuzo ngempahla engaphansi kwayo okungumhlaba. Uthi yize kwaphendula izinkampani ezintathu, yinye eyagcine iphumelele.
Kuyavela embikweni ukuthi leyonkampani yenza isivumelwano nenye yaphesheya okwabuye kwavela ukuthi inezinkinga yabe isihoxa. Kulapho lenkampani yabe isingena kwesinye isivumelwano nenkampani yaseNingzimu Afrika, okwathi uma iphenyisiswa kwatholakala ukuthi izinto zayo ziqondile.
USihlalo ugcizelele ukuthi izinhlelo ezenziwa ezazisekelwe umgomo othi kufanele i-IT yenze inzuzo ngomhlaba ngaphandle kokuthi yona ingene ezindlekweni.
Ngokuchaza kukaNgwenya lenkampani yabe isiyethula umqulu okuthiwa yiMaster Collaborative Agreement. Emva kokusayindwa kwalesisivumelwano, iMCA Consortium yabika ngomsebenzi wayo owawubandakanya ukuthola imali eyizigidi ezingama-300 zamarandi eNingizimu Afrika kanye nengamarandi ayizigidigidi ezingama-100 esakhiweni esithembakele saphesheya. Lezizimali ngezokwenza imiklamo ye-ITB. UMehluleli uthe: “Ngaphandle kwemali ekhokhelwa impumelelo, lokhu kwenzeka ngaphansi kwesivumelwano sokuthi akukho zindleko ezizokhokhwa yi-IT.”
USihlalo ukugcizelele ukuthi zonke izimali ezikhokhwa yiThrasti kulandelwa umgomo wokuthi kube yiBhodi elinqumayo lilandela umgomo wokuvikela lesisakhiwo. “Masikugcizelele ukuthi izimali zikhokhwe emuva kwezingxoxo ezinzulu, futhi beziphethwe abameli be-Ingonyama Holdings ngokwazi ukuthi Ingonyama Holdings ayikabi nabasebenzi abenele.
Ngokwalombiko kube nesikhathi lapho iMCA Consorium iba nezingqinamba ezifana nokungabibikho kwemali yokusebenza. IMCA yabe isifake isincomo sokuthi kube nesikweletu sokuyiwelisa izibuko eyobuya ngowezi-2021, okuyilapho futhi kuqondene nokuthi kobe sekubhaliswa neFund of Funds.
UNgwenya uqhuba athi kube nenkinga lapho iNgonyama Group, okuyiNgonyama Trust ne-Ingonyama Holdings befisa ukuba nembizo enkulu yamaKhosi ukubika ngenqubekelaphambili. Kubonakele ukuthi izinto ekuvunyelwene ngazo ukuthi zifezeke ngomnqamulajuqu wezi-2021 ngeke zifezeke. Kwabe sekuhlehliswa imbizo yamaKhosi. Ngenxa yalesisizathu Ingonyama Group ibe seyidweba umugqa icacisa ukuthi ngokwayo isizazelene nabakwaMCA Consortium, okuyilapho lusakhona namanje.
“Ngokwethu ayikho imali elahlekile noma eyebiwe,” kusho uNgwenya ophinde wagcizelela ukuthi kufanele ngabe uhulumeni uxhasa Ingonyama Trust Board ngokugcwele kodwa kakwenzi lokho.
UMtimande ubeke nanokuthi ukungaxhasi Ingonyama Trust Board kukahulumeni ngamabomu okuzama ukubamba ISILO ngobhongwane.