Uhlelo lokusiza abalimi abahlukunyezwa inkinga kagesi



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
Ukwethulwa kwesikhwama sokulekela abalimi njengoba bekhahlamezwe ngucimicimi kwemukelwe ngehlombe elikhulu. UMnyango Wezolimo, Ezomhlaba Nokuthuthukiswa kwezindawo Zasemakhaya uhlanganyele neLand Bank ukugwadla iqhinga lokulekelela abalimi ababhekene nalengwadla, baqhamuka ne-Agro-Energy Fund. USihlalo weSouth African Farmers Development Association, uSiyabonga Madlala, uthe lesi sikhwama sezigidigidi eziyi-R1.2 siletha usizo oludingeka kakhulu kubalimi. “Siyabonga futhi kuyancomeka ukuthi lesi sikhwama sihlanganisa abalimi abahlukahlukene, kusukela kwabancane kuya kwabakhulu, ekhombisa indlela ebanzi yokubhekana nezidingo zomkhakha,” kusho uMadlala.
Selokhu kwaqala uhlelo lukacimicimi abalimi baseNingizimu Afrika sebelahlekelwe yimali eningi ebalelwa ngale kwezigidigi ezinga-72 uma kubheka nje unyaka wezi-2022. Abalimi abaningi bathembele kwinkasa ukuchelela izitshalo zabo. Inkasa idinga ugesi. Baphinde futhi bading ukuhlunga isivuno sabo, nakho okudinga ugesi. Akupheleli lapho njengoba izigayo ekungaba ezombila, ushukela nezinye izinhlobo zidinga ugesi. Okufike kuhluphe kakhulu ngukuthi izitshalo zinesikhathi esinqunyiwe sokuthi uma sezivuniwe zifinyelele ezimakethe zingakaboli.
I-Agro Energy Fund ihlinzeka abalimi ngosizo oluhlanganisa isikweletu nemali yokuphiwa(igrant funding) ukuze abalimi bathenge futhi bafake ugesi owenziwa ngezinye izindlela. Lokhu kwenzelwa ukwehlisa umonakalo owenziwa ngucimicimi emsebenzini wabalimi.
Ezolimo zinomthelela omkhulu ekuthuthukeni nasekusimameni kwezwe. Lemboni ayigcini ngokuhlinzeka ngokudla okudingakala nsukuzonke. Iphinde ibe yiyona mboni ehamba phambili ngokwakha amathuba omsebenzi. Ngokwezibalo zeStatistica. com bacela esigidini abantu abaqashwe embonini yezolimo.
I-Agro Energy Fund izosiza labo abasemikhakheni yezolimo ezibandakanya izinkomo zobisi, izinkukhu, izingulube, okudinga inkasa, kanye nalabo balimi abazihluzela bona izivuno zabo bakhiphe imikhiqizo. Lendlela ethathwayo isho ukuthi sekuzodlondlobala imboni yokuphehlwa kwamandla agesi kusetshenziwa izindlela ezehlukile kunalezo ezisetshenziswa ngu-Eskom. Lapha sibala ukuphekwa kwamakhafilithi aphendulwe amandla agesi kanye nezinye izindlela.