Now Reading
Bagubhe olwenkululeko ngokweluleka ngemikhakha yemisebenzi abafundi baseMalangeni
Dark Light

Bagubhe olwenkululeko ngokweluleka ngemikhakha yemisebenzi abafundi baseMalangeni

Ngempelaviki yokugcina eNyangeni yeNkululeko, kuqopheke umlando lapho owayenguMehluleli Omkhulu uSandile Ngcobo, ngokumenywa ababefunda eSihle High School endaweni yaseMalangeni Ogwini Oluseningizimu neKwaZulu-Natal ehola umcimbi wokuqala ngqa endaweni wokucijisa izingane zezikole ezimbili zakulendawo ngemikhakha yezemisebenzi.

Okhulumela ikomidi elihlele iSCGA Malangeni Careers Day, uMnu Skhosiphi Dlamini uthe banqume ukwenza lomcimbi ngenxa yokukholelwa ngukuthi ngaphandle kwemfundo, inkululeko eyatholwa ngokusemthethweni mhla zingama-27 kuMbasa 1994 ngeke isho lutho.

“Kungalesi sizathu-ke singabafundi bakudala baseSihle High School sacela oyiNhloko yamaJaji osathatha umhlalaphansi uSandile Ngcobo nabanye abaningi abaphumelele emazingeni aphezulu baseMalangeni, eMzinto, nabakwezinye izindawo ukuthi bachithe usuku olulodwa esontweni lokugcina kuleNyanga Yenkululeko benikeza izeluleko ngokubaluleka kwemfundo nangemikhakha yemisebenzi,” kusho uMnu Dlamini.

Umcimbi ubuhanjelwe yzingane zesikole ezibalelwa ezinkulungwaneni ezimbili ebezivela eSihle High nase Malangeni High. Izinhlangano ebezihlinzeka abafundi ngolwazi zibandakanye lezi ezisemikhakheni enjengezokundiza, ukwakhiwa kwezimoto, ubunjiniyela, imboni yashukela, nokuphathwa kwezimali. Amagumgedlela nawo abengazibekile phansi njengoba bekukhona iSouth African Navy, South African Airforce kanye ne South African Army.

Izingane zesikole zijabule kakhulu lapho kuvela umnikelo wemishini yokubala yesayensi (scientific calculators) ali-170 evela kwiKwaZulu-Natal Department of Economic Development, Tourism and Environmental Affairs, Air Traffic Navigation System, ne South African of Environmental Geologists.

Ngaphandle kwesikhulumi esiqavile, iNhloko yaBehluleli eseyathatha umhlalaphansi, uSandile Ngcobo, umcimbi uhlonishwe ngokuba khona kwezingwazi ezifana nosihlalo bamabhodi abaqondisi bezinkampani, nezikhulu eziphezulu zikahulumeni nezinhlaka zikahulumeni.

See Also

Isikhulumi esiqavile, INhloko yaBehluleli eseyathatha umhlalaphansi, uSandile Ngcobo ugqugquzele abafundi ngohambo lwakhe lwempilo ‘olube nokuqhuzuka’ okuningi okuhlanganisa nokungaqedi izifundo zakhe zeLLB eNyuvesi yaseZululand. UMehluleli uNgcobo uthe wagcine esengena eMnyangweni wezoBulungiswa njengotolika wagibela isitebhisi waze waqokwa njengomshushisi. Lokho kuchezuka kwamenza wathola ulwazi olunzulu lokuthi uhlelo lwezinkantolo lusebenza kanjani futhi kamuva lwamsiza ekuqokweni kwakhe njengeNhloko yaBehluleli. Uxwayise ngokuthi abafundi akumele bafune ukuba abameli ngoba isikhulumi esiqavile sosuku kungummeli. UMehluleli uNgcobo uphinde wagqugquzela abafundi ukuthi baphumelele ngaphezu kwalokho akwenzile.

Omunye wabafundi, uWandile Luthuli uthe: “Sijabule kakhulu singabafundi ngalomcimbi ngoba lukhulu usizo esilutholile. Siphinde sagqugquzeleka ngokuthi uma sisebenza kanzima singaphumelela, sibe nekusasa eliqhakazile.”

Scroll To Top