Now Reading
Icala umphikwa odabeni lokucima kukagesi ezweni
Dark Light

Icala umphikwa odabeni lokucima kukagesi ezweni

Ngesikhathi izwe lisenkingeni yagesi eya ngokushuba uMengameli uCyril Ramaphosa usephike wema ngentaba ukuthi ukuhlinzeka ngogesi kungumsebenzi waHulumeni kaZwelonke. Lokhu ukusho ngesikhathi efaka amaphepha okuphendula enkantolo, lapho abamangali abali-19 okubandakanya namaqembu aphikisayo embale noHulumeni kaZwelonke njengabafanele ukuphendula. Laba mangali bafake icala lokwephulwa komthethosisekelo mayelana nenkinga yokucima kukagesi.

UMengameli uthe: Sekuyamukelwa ukuthi ohulumeni bendawo yibo abanomsebenzi ngokusemthethweni wokuhlinzeka abantu babo ngogesi namanzi”.

NgokukaMengameli ukufa namthanyana kwemizamo yakhe akusho ukuthi usehluleke ukuhlonipha, ukuvikela nokuhambisana nomthethosisekelo wezwe ngalendlela abamangali ababeka ngayo. Uphinde wabeka ngokuthi kanalo ilungelo lokugxambukela emsebenzini wohulumeni bendawo.

Abamangali bacele inkantolo ikhiphe umyalelo othi uMengameli Ramaphosa, u-Eskom, ONgqongqoshe uPravin Gordhan, uGwede Mantashe nohulumeni wonkana bephule isibopho sabo sokuvikela, ukuhlonipha nokuqhakambisa amalungelo njengokushicilelwa kwawo ku Mqulu Wamalungelo.

See Also

Isigaba se-153 soMthethesisekelo sibeka umthwalo wokuhinzeka ngezinsiza(kubandakanya nogesi) kohulumeni bendawo, Umbuzo uthi lokhu bangakwenza kanjani njengoba bengenalo ilungelo lokuphehla ugesi?

Bebhala kwi Potchefstroom Electronic Journal, uFelix Dube noChantelle Moyo babeka kanje: “ Ngaphansi koMthethosisekelo, ilungelo lokuthola ugesi lisukela emsebenzini ka ESKOM ngokoMthethosisekelo nomthetho wezwe wokuhlinzeka ngogesi”.

Scroll To Top