Yize kusamfimfa ngaboHlanga egalofini elikhokhelwayo likhona ithemba
UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
AboHlanga basesiFundazweni saKwaZulu-Natal babhukulile bangena ezingeni elikhokhelwayo emdlalweni wegalofu.
Yize sebebaningi abohlanga abadlala umdlalo wegalofu, akulula neze ukungena ezingeni elikhokhelwayo. Ngaphandle kwethalente kudingeka isikhathi esiningi sokuzilolonga, imali yokukhokhela amathuba okudlala, ukukhokhela izinto zokuhamba, izinduku zokudlala, imali yokukhokhela indawo yokuhlala. Ngenxa yalokhu ukuze umdlali afinyelele ezingeni elikhokhelwayo udinga uxhaso ikakhulukazi lwezimali. Yize kukhona uhlaka lweKZN Golf Union enohlelo lokuthuthukiswa kwegalofu kwababekade becindezelwe isikhala sosizo sikhulu kakhulu.
ElaboHlanga linqume ukuthola ukuthi abasezingeni elikhokhelwayo basesiFundazweni saKwaZulu-Natal. Kulolushicilelo sizobhala ngabahlanu. Ngoluzayo ElaboHlanga lizobhala ngabanye.
USabelo Xolani Majola olilungu leRoyal Durban Golf Club uhlala ePhoenix. Ukhwalifaye kulonyaka kwiVusi Ngubeni Qualifying School.
ULonda Mngadi olilungu leMaritzburg Golf Club uhlala eMgungundlovu. Ungene ezingeni labakhokholwayo ngokudlala kahle kwiVusi Ngubeni Qualifying School. Kusukela engene ezingeni elikhokhelwayo nonyaka usedlale emincintiswaneni emine.
USiyanda Mwandla yize elilungu leGlendower Golf Club eseGoli lensizwa eyaseNhla Nogu KwaZulu-Natal. Igalofu ilifunde esifundazweni. Ungene ezingeni elikhohelayo ngowezi-2020. Nonyaka usedlale emincintiswaneni eyi-9.
UThanda Mavundla olilungu leDurban Country Club, wangena ezingeni elikhokhelwayo ngowezi-2012. Kusukela angina kulelizinga usedlale imincintiswano engama-96.
ULindani Ndwandwe (osesithombeni) owangena kulelizinga ngowe-1998 ulilungu leDurban Country Club. Usedlale imincintiswano eminingi wadla nomhlanganiso kwiWestern Cape Classic.
USkhumbuzo Mthethwa olilungu leMaidstone Country Club wangena ngowezi-2017 ezingeni elikhokhelwayo. Kulonyaka usedlale imincintiswano emihlanu.