Ithala nosizo kwaboHlanga abasacindezelekile



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.



Ithala liyaqhubeka ukuba ngumalamulela kwaboHlanga abasazithola becindezelekile ngakwezomnotho. Isikhathi esiningi aboHlanga bathi noma bethole amathuba ebhizinisi kwale emandleni okugcina izivumelwano. Sekukaningi osomabhizinisi boHlanga benikwa ama-oda okufakela izitolo imikhiqizo eyahlukekene enjengeyezolimo kodwa kungabkho inkece yokuthwala lowomsebenzi.
Baziwa ngokuthenga imikhiqizo, hhayi ngokukhiqiza. Nalokho abakutshalayo kuthengwa abanye benze imikhiqizo ebenzela izindodla zemali. Kulelizwe abekho abasebenzisa impuphu njengabohlanga, kepha ngalokho kakubagwilikisi njengoba imboni yokugaya impuphu iqhoqhobelwe ezinye izizwe. UNkk uNontetho Mathe we-Uthingo Mills ungomunye wosomabhizinisi waboHlanga onethuba elikhulu lokukhulisa ibhizinisi lakhe kepha edinga amandla. Enye yezinkampani ezinkulu enezitolo eNingizimu Aftika imnike ithuba lokuphakela imphuphu eNanda, KwaMashu, eBridge City nakwezinye izindawo ezifana nEmpangeni naseHluhluwe. UNks Mathe ulanyulelwe yiThala elimxhase ngemali abeyidinga ukufeza lomsebenzi.
IThala linomlando omude kakhulu wokusimamisa aboHlanga ngakwezomnotho njengoba cishe wonke amalokishi nezindawo zasemakhaya zinezingqalasizinda zokuhweba ezakhiwe yilenkampani. Baningi nabathola ukwebolekwa izimali zokwenza amabhizinisi yiThala lapho amanye amabhange nezizinda zokwebolekisa zibalahlisa okwenyongo yenyathi abohlanga.
Ukulanyulelwa yiThala kulethe intokozo enkulu kuNkk uMathe. “Injabulo yethu iyachichima njengoba uhambo kwethu lubenlude size sizofulintyelela lapha, sikhashwa, sesekelwa yiThala”, kusho uNkk Mathe. Uqhube wathi bafisa ukuthi impuphu yabo bayidayise nakwezinye izolizinda ezifana nezibhedlela njengoba ziphekela iziguli, ezolikoleni njengoba kuphekelwa izingane zesikole. UNkk Mathe ungene ezingeni lezolimo elingajwayelekile kwabohlanga. Abohlanga bajwayele ukulima badayisele abakhiqizi. Lokhu kwenza balehlekelwe ngoba intengo yokuthengisa umkhiqizo yenyuka kakhulu uma iqhathaniswa nentengo yesivuno ekwenziwa ngaso lowomkhiqizo.