Umndeni uqonelwe indawo nguhulumeni eNanda Dam



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.

Amanzi yinto ebaluleke kakhulu kumuntu, emndenini, nasesizweni, ngakho ke ukwakhiwa kwengqalasizinda yokuphakela umphakathi amanzi kuyinto eletha injabulo.
Kepha ingqalasizinda yamanzi eyakhelwe ukusiza abantu baseMaphephetheni ilethe ukujabha kwesinye sezakhamuzi zakwaNgcolosi inkampani yahulumeni ehlinzeka ngamanzi noMnyango Wezamanzi udlala ugingqogonqo ngaye.
UMnu uBheki Mbambo ukhala ngokuthi emanxiweni akubo osebeni lweNanda Dam ubone sekwakhiwe amahhovisi enkampani yamanzi Umgeni Water kanye nesigcinamanzi kungazange kuvunyelwane naye njengenhloko yomndeni wakwaMbambo.
UMbambo ukhala ngokuthi lendawo ekwakhiwe kuyo lengqalasizinda bakhulela kuyo kanti ubaba wakhe wayisebenza kanzima ngemali ayeyisebenze eGoli.
“Ubaba wethu wasebenza iminyaka eminingi eGoli, okuthe uma ebuya wakha ithilomu elalibizwa ngokuthi kukwaMpehlela endaweni ayinikwa ngonyaka we-1970 yiNkosi ezala le ekhona manje,” kusho uMbambo.
UMbambo uthi konakala ngokuthi omunye wabanewabo athathe abazali babo ayobakhoselisa kuye ngoba sebehanjelwe yiminyaka, okwathi noma sebedlula emhlabeni wabafihla emagcekeni akhe. Uqhube wathi: “Sabe sesicela umndeni ozohlala enxiweni ukuze igceke lingamili ukhula. Simangala uma sesibona sekwakhiwe endaweni ubaba ayisebenzela kanzima.”
Umndeni wakwaMbambo ungomunye wemindeni eyasinda kwizikhukhula zango-1987 lapho amanzi aphakama amboza imizi. Iningi labantu ababalekela lezozikhukhula bathuthelwa endaweni yaseMolweni enhla nedamu Inanda.
Okhulumela Umgeni Water uShami Harichunder uyihlangulile inkampani yabo wathi idamu ngeloMnyango Wezamanzi.
UMbambo uthe kakumsizanga ukuyokhala eNkosini yakwaNgcolosi, uDinabakubo Bhengu ngoba nayo ikhale ngokuthi laphaya eDamini INanda kukwampunzi edla emini.
“INkosi Bhengu yathi ngisho namapayipi ahamba endaweni yami angazi lutho ngawo,” kusho uMbambo. Imizamo yeBayede Iphepha laboHlanga yokuthola ilaka leNkosi uBhengu ngaloludaba ayiphumelelanga njengoba izingcingo zingabanjwanga nemiyalezo ingaphendulwanga.
Leli damu lizungezwe amakhosi amathathu, okungeyamaQadi, eyakwaNgcolosi neyaseMaphephetheni.
UMbambo uthe njengoba uMnyango Wezamanzi uthe kungaxoxiswana uyakwamukela lokho, kepha uma bembambisa udonga, zigawulwe zabekwa ngakwezomthetho.
Kepha emva kwamahora ambalwa uMnyango Wezamanzi Nentiki uphendulile, wathi lengqalasizinda akuyona eyawo, waveza nobufakazi lapho UMgeni Water uvuma ukuthi eyawo. ElaboHlanga belivele liqale kubona aboMgeni Water.
Unele wezwa lokhu uMnu uMbambo wawotha ubovu wathi sesiyohlangana noMgeni Water emthethweni njengoba bedlala umacashelana, kanti ngabe nje bakhulume iqiniso lokuthi bakhe kanjani endaweni yakithi singavumelanga.