Ungubani uDkt uMkhize?



UNyuswa ungungoti kwezokuxhumana kukahulumeni nombhali. Ubengumfundisi wezokuxhumana nobuntatheli kwangqondonkulu.
UDkt uZwelini Lawrence Mkhize yinsizwa yaseMgungundlovu ezalelwe eWillowfountain. Ucijeke kakhulu kwezepolitiki ngesikhathi efundela ubudokotela e-University of KwaZulu-Natal (University of Natal). Ngenxa yokushisa kwensimbi ngaphansi kwahulumeni wobandlululo , uzithole eya ekudingisweni eSwatini, lapho eqhubeke khona nomzabalazo ngaphansi kwe-African National Congress.
Ngeke ukhulume ngomlando wezikhathi ezinzima lapho kwakulwa i-ANC neNkatha eMidlands ungalibali igama likaKhabazela. Abanye bambala phakathi empini kanti abanye bambala njengowaba umelaphi phakathi kwalamaqembu.
Emuva kokhetho lowe-1994 ungene waba uNgqongqoshe Wezempilo KwaZulu-Natal kuhulumeni wokubambisana neqembu le-Inkatha Freedom Party. Wazakhela ugazi ngesikhathi ephambana nabaholi bakhe kuZwelonke, uDkt uManto Tshabalala-Msimang owayenguNgqongqoshe Wezempilo noMengameli uThabo Mbeki ngodaba lomshanguzo ovikela izingane ezingakazalwa zingasuleleki ngegciwane lsandulelangculazi, iNevirapine.
UMkhize ubambane noMnu uSbusiso Ndebele isikhathi eside kubangwa isikhundla sokuba nguSihlalo weqembu KwaZulu-Natal.
Wagcina esiphathile isiFundazwe eqenjini okwakuhambisana nokuba uNdunankulu kuHulumeni waKwaZulu-Natal. Kepha akaliqedanga ihlandla lakhe lesibili njengoba iqembu lamnika umsebenzi wokuba uMphathisikhwama-Jikelele. Kunalabo abathi lena kwakuyindlela yokumsusa esiFundazweni njengoba isikhundla sikaMphathisikhwama senziwa saba esikhokhelwayo, into eyayingakaze yenzeke.
Ngesikhathi i-ANC ibamba ingqungquthela ngowe-2017, uDkt uMkhize wangenela esobemengameli kepha wazibeka phansi izihlangu uma sekuphakanyiswa amagama ngokusemthethweni. Lokhu kwabonakala njengendlela yokulekelela uMnu uCyril Ramaphosa ukuze ehlule imbangi yakhe uDkt uNkosazana Dlamini-Zuma.
Uma uRamaphosa esebumba ikhabhinethi lakhe wamfaka uKhabazela njengoNgongqoshe Wezempilo okuyinto eyamnika ishashalazi lokuzibonakalisa kubanti baseNingizimu Afrika. Lokhu ikakhulukazi ngesikhathi kubheduka ubhubhane lokhuvethe. Kwaze kwafika lapho ibhuku elihlonishwayo limfaka ekhasini lokuqala lapho lambiza nge Man of the Year.
Nokho uzithole ephoqeleka ukusula esikhundleni emva kokuvela kwezinsolo zokunikezelwa ngendlela engalungile inkontileka yezokuxhumana iDigital Vibes.