Umdlali weRichards Bay FC uSomila "Ballo" Ntsundwana udalula okwenze wakhihla eseNdlovukazi uNandi, ngesikhathi eqeda kushaya igoli.
UJosta Dladla owazakhela igama kunobhutshuzwayo lapha eNingizimu Afrika uthipha umdlali we-Orlando Pirates uPatrick "Tito" Masangwayi ukuthi uzoziwola izindodo aqokelwe kuzona.
IMaritzburg United ingelinye lamaqembu abheke ukuthenga ilungelo leMoroka Swallows lokudlala kwiDStv Premiership ngesizini ezayo.
Kuvela ukuthi kuyiwe kuKhabba Cup uSenzo "Mbhobho" Ndlovu abevele emcuthele amaqembu agijima kuDStv Premiership.
USiyabonga "Nsimbi" Sangweni akawuvali umlomo ngekhono labadlali basesifundazweni iKwaZulu-Natal alibone kuKhabba Cup.
Umqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos udalula okwenze wangabonakala uPercy Tau emdlalweni obuyizolo wokuhlungela ukuya kuyo iNdebe YoMhlaba, lapho elakuleli belibhekene neZimbabwe.
Ubangwa amaqembu agijima kuDStv Premiership umdlali oqokwe njengovelele emqhudelwaneni iKhabba Cup.
Kuqinisiwe makuthiwa asikho isikhathi esingafiki, nale mpelasonto okade kukhulunywa ngaye kuzona zonke izindawo eThekwini isifikile.
Insephe Football Club (FC) elinye lamaqembu abhekiwe ukuthi lingakhala lemuke nomqhudelwano waminyaka yonke iKhabba Cup.
Iqhubekile impi kaRhulani Mokwena weMamelodi noSead Ramovic weTS Galaxy FC ngesikhathi la maqembu ebambana ngeli-1/1 emdlalweni weDSTV Premiership obuseMbombela Stadium, eMpumalanga izolo ebusuku.
Ithatha umhlalaphansi ebholeni likanobhutshuzwayo ingwazi yomdlali uVuyo Mere ogijima kuTS Galaxy Football Club (FC) uma kuphela isizini.
Usuqalile umshikashika wokuthungatha umqeqeshi omusha iKaizer Chiefs.
Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena usekubeke kwacaca ukuthi akahoshelani nomqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos.
IMamelodi Sundowns isezingxoxweni nenkampani yokugembula iBetway.
Usephumele obala ngesifiso sakhe sokuvikela isicoco seNedbank Cup nokuzibekisela indawo kuCaf Champions League umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro.
Usale ebeka izaba umqeqeshi weKaizer Chiefs uCavin Johnson ngesikhathi iqembu lakhe liqunjwa phansi yiMamelodi Sundowns ngo 5-1 emdlalweni weDSTV Premiership.
IMamelodi Sundowns isigaqele irekhodi lokuqoqa amaphuzu amaningi emlandweni wePremier Soccer League (PSL) kulandela ukudla ubhedu kuDStv Premiership.
USiphamandla Hleza ongunozinti weqembu lasesifundazweni iKwaZulu-Natal iMilford FC uthi bayayiqonda ingcindezi ababhekene nayo kule midlalo yeligi ebasalele.
Uwufanisa nowamanqamu umdlalo wezakhe neMamelodi Sundowns umqeqeshi weKaizer Chiefs uCavin Johnson.
Akayingeni eyokuzwela umngani wakhe omdala uCavin Johnson weKaizer Chiefs umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena.
Umqeqeshi weTS Galaxy FC uSead Ramovic akawuvali umlomo ngesihlabani somgadli uBernard Parker.
Silobizela ukuqeda kuTop 8 isitobha seKaizer Chiefs uGiven "Sgiva" Msimango.
Injini ephinde ibe ngukaputeni weNjampela FC uMpilo Buthelezi uthi ukulungele ukulwela iqembu ukuthi linyukele kuMotsepe…...
Uchitha eyoqhekeko kubadlali beKaizer Chiefs umqeqeshi waMakhosi uCavin Johnson.