Amaqembu asesifundazweni iKwaZulu-Natal azoba yingxenye yeNedbank Cup abhekene nenselelo.
IDurban Pioneers egijima kwi-Safa ABC Motsepe League KwaZulu-Natal iqinise isikwati sayo ngabadlali akade begijima kwi-Premier Soccer League (PSL).
IKaizer Chiefs nethuba lesibili lokushiya abalandeli bayo baseThekwini namaphethelo bethokozila, ngokuthi ithole amaphuzu agcwele.
IChiefs ikhala ngokuthi sincane isikhathi esingezwe unompempe.
Isiya ngokushuba kakhulu iligi yeMotsepe Foundation Championship (MFC), njengoba sekuzoqala umlenze wesibili.
Iqembu laKwaZulu-Natal eligijima kwiMotsepe Foundation Championship (MFC) iMilford FC iqinise isikwati sayo ngomgadli onesipiliyoni uThobani…...
Mhla ziyisikhombisa ngowe-1970 kwasungulwa iqembu iKaizer Chiefs, okusho ukuthi izolo ibigubha iminyaka engama-55 yabakhona. Njengoba…...
Uma uya empini lapho usuke uzobhekana nesitha sakho esikhulu, kumele uye uhlome ngokuphelele izikhali zonke…...
Ukuhlehliswa komdlalo weRoyal AM neChippa United kushiye imibuzo eminingi njengoba singavelanga isizathu sokubhuntsha kwalo mdlalo.…...
Umgadli wa-AmaZulu FC uSenzo “Mbhobho” Ndlovu ukujabulele ukuthi abolekiswe kwiDurban City FC, ngoba isifiso sakhe…...
Kungakapheli isikhathi esingakanani kade enikwe ithuba lokuqeqesha isikwati seTheku kunobhutshuzwayo wabesilisa emidlalweni waminyaka yonke obizwa ngama-Salga KZN DSAC Games.
UMngwengwe unejoka lokuqhubeka lapho okwagcina khona umnewabo owaduma kwi-Arrrows.
UBongani "Ben 10" Zungu noSandile Mthethwa baphawule okokuqala emva kokumenyezelwa njengabadlali abasha ba-AmaZulu FC.
URonwen Williams ongukaputeni weBafana Bafana neMamelodi Sundowns ethubeni lokuba anqobe imiklomelo emqoka kumaCAF Awards.
Uphika neyokuthi akaze anqabe ukuya kwiChiefs, ayikaze ikhulume naye.
Wayezoba umdlali wokuqala emlandweni kwiChiefs ukuqukula indebe yeCaf Champions League njengoba wayengukaputeni.
UMinenhle Mshengu ongunozinti weqembu eligijima kwiSafa KZN ABC Motsepe League iMidlands Wanderers FC, uveza ukuthi kwamkhuthaza kakhulu ukubona uzakwabo esayiniswa i-Orlando Pirates.
UMafa "Wele" Zuma ozobe ecija isikwati seTheku kunobhutshuzwayo kumaSalga KZN DSAC Games, uvuma ingcindezi abhekene nayo yokuqeda ishobolo leminyaka.
IKwaMashu Durban Knight FC engelinye lamaqembu agijima kwiSafa KZN ABC Motsepe League, kuvela ukuthi isihlukene noSimphiwe Nzama obengumqeqeshi.
IMilford FC yandise amaqembu asesifundazweni iKwaZulu-Natal azoba yingxenye yeNedbank Cup.
UPitso "Jingles" Mosimane uzobhekana nesivivinyo esinzima.
Ukuphikwa imiphumela kukaBrandon Truter kuyimbangela ekutheni aphume ngesango kwiRichards Bay FC.
Ujabule wabuyela nganeno umqeqeshi weKaizer Chiefs FC uNasreddine Nabi emva kokuthi behlule iRichards Bay FC emdlalweni weBetway Premiership.
IBafana Bafana isibalwa namaqembu ali-10 akeliswe phezulu lapha ezwenikazi i-Africa, kanti ikweyama-57 emhlabeni.