Now Reading
UMere usethi khumu ebholeni elikhokhelayo
Dark Light

UMere usethi khumu ebholeni elikhokhelayo

Ithatha umhlalaphansi ebholeni likanobhutshuzwayo ingwazi yomdlali uVuyo Mere ogijima kuTS Galaxy Football Club (FC) uma kuphela isizini.

Le ngwazi eyibamba ngakwesokudla emuva isidlale ebholeni elikhokhelayo iminyaka engamashumi amabili nantathu.

Izakhele igama kuHellenic ngowezi-2001. Ngemuva kwalokho ayibange isabheka emuva.

Idlale iminyaka eyisikhombisa kuMamelodi Sundowns anqobe nayo izicoco ezimbili zeCastle Premiership.

Uphinde wayibamba nakuBafana Bafana imidlalo eyisikhombisa. Amanye amaqembu adlale kuwona kubalwa iSwallows FC, iPlatinum Stars, neBidvest Wits. Njengamanje usemabhukwini eRockets.

Umthombo welaboHlanga ongashayi nangephutha eceleni utshele leli phephandaba ukuthi uMere uyayeka ukudlala ibhola kuphela isizini.

“UVuyo usesithathile isinqumo. Uma kuphela isizini amakhokho uwagaxa emgibeni. Ukhohlwa wukuthi usekwenze konke ebholeni laseNingizimu Afrika. Uhlela ukwenza indumezulo yomcimbi wokuvalelisa abalandeli bakhe,” kubeka umthombo othembekile uxoxa nelaboHlanga.

UMere uneminyaka engamashumi amane ubudala manje. Ijezi ulizwa ngendaba kuTS Galaxy.

See Also

“ITS Galaxy ihlela ukuthi umdlalo wayo wokugcina weligi iwunikelele uVuyo Mere. Kubhekwe ukuthi awuqale aze awuqede ngoba yiwona abafuna ukumvalelisa ngawo ebholeni elikhokhelayo,” kuqhuba umthombo.

Mhla zingamashumi amabili nanhlanu kuNhlaba, iRockets izodudulana nePolokwane City e-Old Peter Mokaba Stadium, ePolokwane, eLimpopo libumbene ihora lesithathu ntambama emdlalweni wokugcina weligi.

Lo mdlalo iwona ehlose ukuvalelisa ngawo uMere.

“Njengoba eyeka ukudlala ibhola usezogxila emabhizinisini akhe. UMere usebhizinisini lemizi, uphethiloli nelezimoto. Okunye abheke ukukwenza wukuqala iPodcast ezobhekelela izinto ezithinta iDStv Premiership. Kumanje uphansi phezulu ubhala ibhuku elikhuluma ngomlando nempilo yakhe,” kuphetha umthombo.

Scroll To Top