UNongoma yizwe laMakhosi namaFelankosi


KwaNongoma kuseHlalankosi lesizwe samaZulu. iZigodlo eziningi zeSILO esibusayo zikwaNongoma. KwaKhangelamankengane, KwaKhethomthandayo, KwaDlamahlahla, KwaLinduzulu, eNyokeni (isigodlo semikhosi), nasoSuthu (eMkhontweni).
Kusukela emandulo zazikhona izigodlo zaMakhosi oHlanga, kaZulu, kwaNongoma. ISigodlo saKwaGqikazi, iNgonyama uMpande kaSenzangakhona sasakhela iNdlovukazi uNgqumbazi (oKaMbondi) owayezalwa kwaZungu. OKaMbondi ngunina weNgonyama uCetshwayo naBantwana, uNdabuko waKwaMinyamanzi noMbhixabhixa owagana uMgojana kaSomaphunga Ndwandwe. Bonke bakhulela KwaGqikazi.
ISigodlo saKwaGqikazi sasiKwaMpunzana, phezu komfula iVuna, khona KwaNongoma. Lesi sigodlo sasigadwe nguMntwana uMaphitha kaSojiya kaJama, induna yaso kunguNtshingwayo kaMahole Khoza.
UMbuso wamaNgisi wakha inkantolo nedolobha uNongoma ukuhlukanisa amabutho asoSuthu nawaKwaMandlakazi ayebhekene ngeziqu zamehlo ngemuva kweMpi yaKwaNdunu yowe-1888.
Phambilini, KwaNongoma kwabe kuyigama lomuzi weNkosi uZwide kaLanga Ndwandwe. Lowo muzi wawakhe lapho osekuyidolobha uNongoma khona njengamanje. Eminye imizi yakhe uZwide kwabe kuKwaLindizwe, KwaDlovunga, Ophiyaneni, eThokazi naseMagudu.
INkosi uZwide kaLanga yalwa neLembe, iNkosi uShaka KaSenzangakhona, ngemuva kokuba uZwide ebulale iNkosi uDingiswayo Mthethwa yas’Oyengweni. Inkosi uDingiswayo iyona eyakhulisa iLembe, ngakho lahlasela uZwide ngoba liphindiselela inkosi yabaThethwa.
Impi yamabutho eLembe nakaZwide yasuka eMhlathuze yaze yaphelela KwaGqokli, intaba eseMahlabathini. Kulapho-ke amabutho kaZwide ehlulwa khona.
Isizwe sakwaNdwandwe nabalandeli beNkosi uZwide bahlakazeka ngemuva kokwehlulwa kuleyo mpi. INgonyama uShaka ngemuva kokunqoba KwaGqokli, yaklama izwe lakwaNdwandwe kabili, yalinika aBantwana bakwaMandlakazi ngoba le Ndlu yiyona engeyasekhohlo eBukhosini bakwaZulu.
Ingxenye esempumalanga yezwe lakwaNdwandwe, iLembe layinika uMntwana uMaphitha kaSojiya kaJama ukuthi akayibheke. UMntwana uMaphitha walwa ngokukhulu ukuzimisela nangobuqhawe, ehola elinye lamabutho eLembe, kuliwa namabutho eNkosi uZwide.
Ingxenye esentshonalanga yezwe lakwaNdwandwe yanikwa uMntwana uTokotoko kaSojiyisa kaJama ukuthi akayigadele iLembe. Lokhu kwasho ukushabalala kobukhosi bakwaNdwandwe, kwaNongoma
INdlovukazi uNomvimbi (oKaMsweli) owayezalwa kwaMnguni, engunina weNgonyama uDinuzulu, wakha iZigodlo, esaseMkhontweni (oSuthu) nasaseNyokeni. Lezi Zigodlo zisesifundeni oSuthu, KwaNongoma, njengamanje.
UMbuso wamaNgisi wahlukanisa indawo yaKwaNongoma izifunda ezintathu. Isifunda sasoSuthu, isifunda saKwaMandlakazi esenganyelwe nguMntwana waseBhanganoma, uBhekintinta kaPhumanyova nesifunda saseMatheni esenganyelwe nguNdlunkulu uThabisile Zulu (obambele indodana yakhe esakhuliswa). Zontathu lezi zifunda zibumba indawo uNongoma.
Isifunda sasoSuthu yisona esincane kulezi ezintathu ngoba uMbuso wamaNgisi wakwenza ngamabomu lokhu ngesikhathi uklama izwe lakwaNongoma. AmaNgisi ayethi ajezisa iNgonyama uDinuzulu. ISilo uMamonga (uDinuzulu) amaNgisi ayesethe siyinkosi yasoSuthu hhayi iNgonyama kaZulu
Njengamanje indawo yasoSuthu uyithola iyiziqephu. KwaDabhazi, eningizimu nedolobha uNongoma, ikhona indawo engaphansi koSuthu ephethwe uzalo lwenduna uMngamule kaNzobo Ntombela.
Uma udlula eDlomodlomo, enyakatho, ubheke emahlathini aseNgome, kuneNdlu yaseNjikini engaphansi koSuthu. Leyo Ndlu iqashwe uzalo loMntwana uNtabatha kaMqundane kaNobhongoza kaJama. Ingaphansi koSuthu nayo leyo Ndlu.
INgonyama uSolomon kaDinuzulu (uMqwalajuba) sakha iSigodlo saKwaDlamahlahla, eMahhashini, khona kwaNongoma. INgonyama uCyprian Bhekuzulu kaSolomon (uBhush’obukhali) wakha iSigodlo saKwaKhethomthandayo, eNhlophenkulu, khona belu kwaNongoma.
ESigodlweni KwaLinduzulu, endaweni yakwaLindizwe, ngaphandle kancane kwedolobha uNongoma, kulapho kunamaHhovisi eMbube khona. Laphaya kwabe kungamaHhovisi “eNxusa-Jikelele” uMnu uHenry Torlage. Lawo maHhovisi abe eseguqulwa enziwa iSigodlo soBukhosi bukaZulu nalapho kwenzelwa ikhona imisebenzi yOmdala eqondene nezokuphatha.
Isifunda saKwaMandlakazi, empumalanga nedolobha uNongoma, sinemizi yoBukhosi bakhona. Kukhona umuzi waseKuvukeni, owaseNkungwini, owasoKledeni (Buxedene), owaseNkalakuthaba. Le mizi yayikhona nangesikhathi soMntwana uMaphitha kaSojiyisa kaJama. Inkosana yoMntwana uMaphitha, uZibhebhu (uMxhapho ibutho lakhe) wakha imizi, owaseBhanganoma nowaKwaBhekumthetho, khona KwaMandlakazi.
Izibulo loMntwana uZibhebhu, kwakunguMntwana uMsenteli ezalwa oKaMvundlana Biyela, kodwa akakaze abe yinkosi KwaMandlakazi ngenxa yokuziphatha kwakhe. UMntwana uMsenteli wakha umuzi waKwaZihlakaniphele, eMsebe, khona KwaMandlakazi.
INkosana yoMntwana uZibhebhu kwaba nguMntwana uBhokwe, ezalwa oKaMatshana Sithole waseQhudeni. UMntwana uBhokwe wabanjelwa isihlalo soBukhosi ngoba wayesemncane kuhamba uyise uZibhebhu emhlabeni. UMntwana uMagasa (uZibhebhu) uhambe emhlabeni ngenyanga uNcwaba ngowe-1904, uMntwana uBhokwe esemncane kakhulu
UMntwana uBhokwe wabanjelwa isihlalo nguMntwana uMagadafi (uMchitheki kaZibhebhu). Ekukhuleni kwakhe uMntwana uBhokwe uvuse umuzi waseBhanganoma, wahlala kuwo.
UMntwana uBhokwe kaZibhebhu naye akaphilanga isikhathi eside emhlabeni kodwa wahamba eseyishiyile indlalifa yakhe uMntwana uPhumanyova. UMntwana uPhumanyova naye wahamba emhlabeni esezele uMntwana uBhekintinta Eugene. UMntwana uBhekintinta nguyena obusayo KwaMandlakazi njengamanje, usahlala khona emzini waseBhanganoma. Yena wayebanjelwe isihlalo induna yaseNgxongwane, khona KwaMandlakazi, iNduna uMdubane Ndwandwe.
UMntwana uBhekintinta usebuse KwaMandlakazi kusukela ngonyaka we-1978. Walandwa yiNdlunkulu, abaNtwana, nesizwe saKwaMandlakazi, eManzomtoti Zulu Training College, eningizimu yeTheku lapho eyefundela khona ubuthishela kwathiwa akazothatha isikhundla sakhe soBukhosi.
Isifunda sesithathu, saseMatheni, sona sitholakala eningizimu nedolobha uNongoma. Umngcele waso usuka entabeni iS’gwegwe, uyovala ngomfula iMona, siphinde siyovala ngomfula iMfolozi, KwaNgwabi. Sicebile lesiya sifunda saseMatheni ngomnotho ngoba sinezimayini zamalahle.
ISilo saKwaNodwengu, iNkosi uMpande kaSenzangakhona, ngesikhathi sabela amazinyane aso izwe, sanika uMntwana uZiwedu (uHambangendlela) leya ngxenye yezwe (izwe laseMatheni).
UMntwana uZiwedu wayezalwa yiNdlovukazi oKaDabeka Ngema kodwa elanyaniswe noMntwana uCetshwayo ngokweziNdlu (eNdlini yaKwaGqikazi). UMntwana uZiwedu nabalandeli bakhe balwa kakhulu bevikela iNgonyama uDinuzulu sihlaselwa yiNdlu yaKwaMandlakazi ihlangene namaNgisi.
UMntwana uZiwedu uzale abaNtwana uMgixo kuMaMntambo noMpikanina kuMaNtshangase. UMntwana uMpikanina nguyena owathatha isikhundla soBukhosi ngemuva koMntwana uHambangendlela (uZiweduigenge laseMatheni). UMntwana uMpikanina nguyena owabusa isikhathi eside eMatheni. AbaNtwana ababusa eMatheni ngemuva kwakhe abaphilanga isikhathi eside. UMntwana uMpikanina kaZiwedu uzale uMntwana uMziyaqokwa Moses, enemizi, owaKwaDinababo nowaseNzamangamandla, eS’gubudu.
UMntwana uNsikayezwe John nguyena owayeyinkosana yoMntwana uMziyaqokwa. UMntwana uNsika wabhubha engozini yemoto KwaLindizwe, khona KwaNongoma, ngonyaka we-1983 esebuse iminyaka emibili nje vo. Wayezalwa nguNdlunkulu oKaMfishane Mkhwanazi. Ngemuva kukaMntwana uNsika kubambe induna uS’kebhe Cebekhulu
AbaNtwana baseMatheni neNdlunkulu kaZulu balande inkosana kaMntwana uNsika, uS’busiso Blessing, eNewcastle, lapho ayefihlwe khona ukuthi azothatha isikhundla soBukhosi baseMatheni.
UMntwana uS’busiso ubekwe esihlalweni soBukhosi ekuqaleni konyaka we-1996, emzini wakubo KwaNqobuzulu, khona eMatheni.
UMntwana uS’busiso (Dlala Mambush!) wayefunde eNyuvesi yaseZululand (oNgoye), wayenze izifundo zoMthetho. Isizwe sasimhlonipha kakhulu ngoba izinto ubefuna zenziwe ngokulandela umthetho. Ngeshwa oKaNdaba naye wabhubha engozini yemoto eMariannhill Toll Plaza, eThekwini.
Okuphawulekayo ngeNdlu yaseMatheni ukuthi izinhloko zayo aziphili isikhathi eside emhlabeni. EMatheni njengamanje kubambe uNdlunkulu uThabisile Zulu. Ubambele indodana yakhe noMntwana uS’busiso esakhuliswa.
Lo mlando uqale ukushicilelwa kwiphephandaba EzaseHlalankosi elishicilelwa iGunundu Press.