UMokwena akayingeni eyokuthethelela uJohnson
Akayingeni eyokuzwela umngani wakhe omdala uCavin Johnson weKaizer Chiefs umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena.
Namuhla uMokwena noJohnson bazotholana phezulu emdlalweni weDStv Premiership eFNB Stadium lingamenxe ihora lesikhombisa ebusuku.
La baqeqeshi ababili basuka kude ebholeni. UMokwena ulwela ukunqoba isicoco seligi. Ngakolunye uhlangothi uJohnson uzama ukwenza isiqiniseko sokuthi iChiefs iqeda kuTop 8.
“Mina noCavin Johnson sisuka kude. Sike saphenduka amathe nolimi naye. Ngelinye ilanga waze wangithinta wangitshela ukuthi usekhuluma nami kakhulu efonini ukudlula indlela exoxa ngayo nomkakhe. Ngaleso sikhathi wayesaphethe izikhungo zenkulisa kuPlatinum Stars nami ngisebenza khona. Sichithe isikhathi esiningi ndawonye noCavin Johnson. Yingakho ngimhlonipha. Unobuntu ngendlela eyisimanga. Kungakho nje ngihlale ngimfisela izinto ezinhle empilweni. Ngosuku lomdlalo eyokuzwana sizoyibeka eceleni. Ngeke ngimzwele futhi naye ngeke angizwele. Ibhola linjalo. Sonke sifuna ukunqoba. Ungumqobi wokuzalwa. Uzobe efuna ukunqoba nami ngifuna ukwenza okufanayo,” kubeka uMokwena.
Womabili amaqembu agcwele ukuzethemba. NgoMsombuluko iBrazilians iguqise iRockets ngama-3/0 emdlalweni weligi eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli kwathi Amakhosi aqumba phansi iSuperSport United ngama-2/1 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane.
“Ukukhuluma iqiniso angikaze ngiyibuke ngaleyo ndlela indaba yomdlalo wethu neChiefs (ukuthi kuzoba mnandi kakhulu ukuphakamisa isicoco seligi phambi kwabalandeli bayo eFNB Stadium). Angisengithi ezimethiyo, kimina ukunqoba iligi kukodwa nje kuzoba ngumzuzu oyisiphesheli kungakhathelele ukuthi sibhekene nobani. Umqhudelwano omqoka kakhulu kithina lo,” kuqhuba yena.
ISundowns ayiyazi induku emidlalweni yeligi kule sizini. IChiefs ibheke ukuqeda leli rekhodi.
“Sibhekene neqembu elikhulu. Sibhekene nezimbangi zethu. Sidlala umdlalo omkhulu okumele singawuthathu kancane ngoba siyazi ukuthi umphumela walo mdlalo uzosho ukuthini kithina ” kusho uMokwena.