Now Reading
Kuqhubekile kwabonakala ukungangenalani kwabaqeqeshi
Dark Light

Kuqhubekile kwabonakala ukungangenalani kwabaqeqeshi

Iqhubekile impi kaRhulani Mokwena weMamelodi noSead Ramovic weTS Galaxy FC ngesikhathi la maqembu ebambana ngeli-1/1 emdlalweni weDSTV Premiership obuseMbombela Stadium, eMpumalanga izolo ebusuku.

Igoli leRockets livalelwe enethini nguPuso Dithejane kwathi eleBrazilians labaselwa enethini nguPeter Shalulile.

Womabili amaqembu acazelane amaphuzu. ISundowns ivikele irekhodi layo lokungadlaliwa emidlalweni yeligi kule sizini yangowezi-2023/24.

Ngemuva komdlalo komdlalo uRamovic ungcofe uMokwena ngezindlela eziphansi.

“Yebo lona bekungumdlalo weqophelo eliphezulu. Sonke namuhla (ngoLwesibili) sibonile ukuthi awudingi ukuthenga abadlali ngezigidi ukuze udlale kahle uphumelele kodwa uma abadlali bakho bekhombisa intshisekelo, ugqozi nofuqufuqu kuba sengathi nawe ubathenge ngezigidi. Ukuzinikela kwabadlali bethu ngingasho ngingananazi ukuthi kubiza izigidi. Thina asinazo izigidi ezingamakhulu amabili zokuthenga abadlali masizini onke njengabo. Namuhla besizicanasela. Angiwuvali umlomo ngezakhe. Ezinsukwini ezintathu ezedlule besidlala ngesikwati esifanayo. Asizange shintshe abadlali abadlali njengabo ngoba phela banesikwati esikhulu kunathi,” kujijela uRamovic amabhomu ewabhekise kuMokwena.

Impi kaRamovic noMokwena yimpi eqale ngonyaka odlule ngesikhathi iRockets iwashisa iBrazilians ijezi kuCarling Knockout Cup.

La baqeqeshi ababili bagcine sebehilizisana ngamazwi esigadlangalaleni nangasese.

See Also

“Ngifuna ukubongela izitha ngikusinika umdlalo onofefe. Kube ngumdlalo omnandi. Abalandeli bawuthakasele. Sakhe inqwaba yamathuba kodwa sahluleka wukuwasebenzisa. Yebo, sithole iphuzu kodwa ngokwethu umdlalo siwunqobile. Ngithande ukuzinikela kwabadlali bami. Ithimba lami labaqeqeshi lenze umsebenzi omuhle. Ngabe ngenza iphutha uma ngingalibongi. Ngeke ngabashiya ngaphandle abalandeli beqembu. Lesi yisiqalo sezinto ezinhle. Unyaka nonyaka iqembu liyadlondlobala,” kuqhuba yena.

UMokwena noRamovic abazange baxhawulane ngaphambi komdlalo noma usuphelile.

“Njengamanje sisalelwe ngumdlalo owodwa. Sesibheke ukuqeda sibalwa namaqembu amane aphezulu kulogi. Uma singazuza lokho ngabe senze omuhle umsebenzi. Phela thina sidonsa kanzima emalini uma usiqhathanisa nomnumzane uSunshine (Rhulani Mokwena) ochitha izigidi amasizini onke ethenga abadlali abaseqophelweni eliphezulu. Uma usebenza kanzima kuba nje. Lena yimsebenzi yokuqeqesha ngokwezinga eliphezulu. Sibafundise isifundo namuhla. Mhlawumbe uma befuna ukusishaya kumele bathenge uKylian Mbappe, uCristiano Ronaldo noLionel Messi. Uma ehluleka akathathe izifundo zebhola esimfundise zona namuhla.” kuphetha uMokwena.

Scroll To Top