Now Reading
Ukudla umhlanganiso kuyithwese umthwalo wokuqopha umlando wamaphuzu iSundows
Dark Light

Ukudla umhlanganiso kuyithwese umthwalo wokuqopha umlando wamaphuzu iSundows

IMamelodi Sundowns isigaqele irekhodi lokuqoqa amaphuzu amaningi emlandweni wePremier Soccer League (PSL) kulandela ukudla ubhedu kuDStv Premiership.

Izolo ebusuku iBrazilians ikhale yemuka nesicoco seligi kulandela ukutitinya iKaizer Chiefs ngama-5/1 eFNB Stadium, eNasrec, eGoli.

Amagoli eSundowns abaselwe enethini nguTashreeq Matthews othole amabili, uLuca Ribeiro, uThembinkosi Lorch noMatías Esquivel.

Elokubika laMakhosi lishaywe nguMduduzi Shabalala. Kube yiphenathi. Kulo mdlalo Izimpofana ziqede umdlalo zingasaphelele kulandela ukuphuma ngekhadi elibomvu kukaGiven Msimango odlalise kabi uRiberio ngomzuzu weshumi nesishiyagalolunye.

Ngemuva komdlalo uMokwena akazange akufihle ukuthi bayalifuna irekhodi lamaphuzu kule sizini.

“Indoda iyahlela kodwa uMdali nguyena othatha izinqumo. Ibhola linemiphumela emithathu. Uyanqoba, udlale ngokulingana noma udliwe. Kuyangijabulisa ukubona iqembu lidlala ngaphandle kwengebhe yokudliwa. Sike sabhekana nesimo lapho besilwela ukungadliwa. Yingakho bekumqoka ukuthi sibakhumbuze abadlali ukuthi sihambe leli banga ngoba besikwazi ukunqoba imidlalo yebhola. Irekhodi lamaphuzu angamashumi ayisikhombisa nanhlanu yinto esingathanda ukuyephula. Uma silithola leli rekhodi sizojabula kanti uma selishweba ngeke siphatheke kabi. Sizoqhubeka nempilo,” kubeka uMokwena.

ISundowns iyona ephethe leli rekhodi lamaphuzu lamaphuzu ngokuhlanganyela neChiefs.

“Intaba nentaba ephambi kwethu sihlose ukuyiqwala. Impumelelo injalo. Uma uke waqeda ukuqwala intaba ubheka enye ozoyiqwala. Nathi kungani singalijahi irekhodi lamaphuzu angamashumi ayisikhombisa nanye. Ngesizini edlule siqoqe amaphuzu angamashumi ayisikhombisa. Irekhodi esingaliphula. Ngakho asilijahe,” kulandisa uMokwena.

Njengamanje iSundowns isiqoqe amaphuzu angamashumi ayisithupha nambili emidlalweni engamashumi amabili nane.

Selokhu kuqale isizini iBrazilians ayikaze idliwe. Isinqobe imidlalo eyishumi nesishiyagalolunye yase idlala ngokulingana kwemihlanu.

See Also

“Ukunqoba isicoco seligi ngingakuchaza njengomzuzu omnandi futhi omuncu. Phela uCavin Johnson ngiyamkweleta. Angicabangi ukuthi siyamhlonipha ngendlela okumele simhloniphe ngakhona. Nokho lapha eNingizimu Afrika sinjalo. Usekhiqize inqwaba yabadlali abaseqophelweni eliphezulu. Usecije amaqembu afana neSuperSport United nePlatinum Stars. Ungumqeqeshi oseqophelweni eliphezulu. Ulisebenzele leli qembu.  Ngaphezu kwalokho ungumuntu onobuntu. Ngihlale ngisho ukuthi akusizi ukuba ngumqeqeshi oseqophelweni eliphezulu uma ngingeke ngikwazi ukuba ngumuntu onobunene. Ekugcineni yibhola. Angingabazi ukuthi uyakuqonda lokho,” kulandisa uMokwena.

ISundowns inqobele isicoco seligi phambi kwabalandeli baMakhosi.

“Ebholeni kunesikhathi lapho izitha sizofika kuwena zifike zijabulele ukuphumelela enkundleni yakho. Nathi kusanda kwenzeka kithina kuChampions League sibhekene ne-Esperance. Ibhola nje likanjalo. NeChiefs iyakuqonda lokho,” kuqhuba uMokwena.

IBrazilians isizolwela nokuqeda isizini ngaphandle kwenduku. Emlandweni eNingizimu Afrika alikho iqembu eselike ladlala isizini yonke kweyeligi lingadliwa.

“Ngifuna ukubongela iqembu lami. Leli qembu liyisiphesheli. IChiefs iyona ingene emdlalweni ngokushesha. Emizuzwini emihlanu yokuqala bebephezulu kunathi. Ikhadi elibomvu liguqule izinto yize iqhamuke ngesikhathi umdlalo usuphethww yithina. Ngifuna ukushayela iChiefs ihlombe ngoba noma ibingasaphelele, iqhubekile yahlasela. Basinike umdlalo onzima. Ngiyaziqhenya ngabadlali bami ngendlela abazinikele ngakhona namuhla. Bekungumdlalo omqoka kakhulu kithina,” kubeka uMokwena.

Scroll To Top