Now Reading
OwePirates uphumele obala ngezifiso zakhe ezimbili
Dark Light

OwePirates uphumele obala ngezifiso zakhe ezimbili

Usephumele obala ngesifiso sakhe sokuvikela isicoco seNedbank Cup nokuzibekisela indawo kuCaf Champions League umqeqeshi we-Orlando Pirates uJose Riveiro.

Lo mqeqeshi odabuka eSpain ufike kwezwakala kweZimnyama ngesizini edlule. Unqobe isicoco seMTN8 neseNedbank Cup.

Namuhla ngo-3 ntambama eZimnyama zizobhekana neChippa United eNelson Mandela Stadium, eGqeberha emdlalweni owandulela amanqamu eNedbank Cup.

URiveiro useveze ukuthi uzimisele ngokuqeda endaweni yesibili ku-log yeDSTV Premiership bese ezibekisela indawo kowamanqamu eNedbank Cup eMbombela Stadium.

“Uma useqenjini elikhulu njengePirates kumele ukulindele ukuthi ngalesi sikhathi sesizini usuke uzolwela izicoco ezinkulu. Sijabule ngokuthola lengqayizivele yethuba lokuthi silwele ukudlala emdlalweni wamanqamu. Bekuyisifiso sethu ukuthi kushaye lesi sikhathi sisalwela ukunqoba isicoco seligi kodwa lelo phupho selishabalele manje. Njengamanje inselelo esesibhekene nayo ngeyokufinyelela kowamanqamu bese siqeda endaweni yesibili ku-log. Ukuzuza lezi zinto ezimbili ngeke kubeyinto elula. Nokho wukusiko okumele ubhekane nalo uma umele iqembu elikhulu njengePirates,” kuchaza uRiveiro.

Kule sizini uRiveiro uvele usenqobe isicoco seMTN8 kule sizini. Uthele othulini iMamelodi Sundowns eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.

See Also

“Siphezu kwamalungiselelo alo mdlalo. Into ebimqoka wukuphumula ngoba sisanda kudlala bese senza isiqiniseko sokuthi abadlali sibanika ulwazi olufanele ngomdlalo. Asinaso isikhathi esanele sokuzilungiselela umdlalo ngokuzilolonga enkundleni. Imimoya iphezulu. Wonke umuntu ugqugquzelekile ngoba sidlala umdlalo owandulela amanqamu eNedbank Cup. Siyawuqonda umqansa esibhekene nawo ngoMgqibelo (namuhla),” kuqhuba uRiveiro.

Ozonqoba phakathi kwePirates neChippa uzobhekana nozowina emdlalweni weMamelodi Sundowns neStellenbosch FC abazotholana phezulu kusasa ngo-3 ntambama eDanie Craven Stadium.

“Uma ukuPirates awukho umdlalo olula. Yonke imidlalo inzima ngokulingana. SiyiPirates. Ngakho kumele sithole imiphumela egculisayo kuyona yonke imidlalo esiyidlalayo. Umdlalo nomdlalo kumele silwele ukwenza kahle. Okuhle ukuthi sesiyijwayele lolu hlobo lwemidlalo ekanje. Abadlali bayayazi ingcindezi ababhekene nayo. Ukuqubula indebe akuyona into elula.” kuphetha uRiveiro.

Scroll To Top