Now Reading
UJohnson udidwe yinduku wabeka izaba
Dark Light

UJohnson udidwe yinduku wabeka izaba

Usale ebeka izaba umqeqeshi weKaizer Chiefs uCavin Johnson ngesikhathi iqembu lakhe liqunjwa phansi yiMamelodi Sundowns ngo 5-1 emdlalweni weDSTV Premiership obuseFNB Stadium ngoLwesine ebusuku.

Amagoli eSundowns abaselwe enethini nguTashreeq Matthews othole amabili, uLuca Ribeiro, uMatias Esquivel noThembinkosi Lorch.

Elokubika laMakhosi libhakuziswe enethini nguMduduzi Shabalala. Ngemuva komdlalo uJohnson ucashe ngesithupha.

“Siyayibongela iSundowns ngokunqoba isicoco seligi. Ikhadi elibomvu lingimoshele umdlalo. Anginaso isiqiniseko sokuthi ngempela bekuyikhadi elibomvu. Kusazomele ngibhekisise kahle. Ngesiwombe sokuqala sikwazile ukuyibamba iSundowns singasaphelele yize bekuyiyona ebiphethe ibhola isikhathi esiningi. Igoli labo lokuqala unompempe bekumele ajaje ngoba sidlaliswe kabi. Nokho akazange ajaje. ISundowns isuke lapho yahamba yayoshaya igoli. Kusukela lapho ayibanga isabheka emuva. Imizuzu efana naleyo iyawubulala umdlandla wabadlali,” kuchaza uJohnson.

Amakhosi abhekene nengcindezi yokwenza isiqiniseko sokuthi agwema ihlazo lokungaphuthwa yiTop 8.

“Ngikhohlwa wukuthi besingenza kangcono emuva ngesiwombe sesibili. Namanje ngisamile ukuthi igoli lokuqala abalishayile kube wubudedengu bukanompempe. Ukukhala akusasizi. Ekugcineni iSundowns iyona enqobe umdlalo. Okwethu wukubuyela emuva siyolungisa amaphutha. Kumele sikhuphule amasokisi. IChiefs engiyibone ngemizuzu yokugcina akuyona ile engiyaziyo. Sidumele ngomphumela,” kuqhuba uJohnson.

IChiefs iyibambe endaweni yesishiyagalombili ku-log ngamaphuzu angamashumi amathathu nantathu ngemuva kwemidlalo engamashumi amabili nesithupha.

See Also

“Njengamanje impi esesibhekene nayo ngeyokuqesa kuTop 8. Okumqoka wukuvuka sizithathe. Umdlalo usuzophela abadlali benze okungajwayelekile bephonsa ithawula. Lokhu kunike iSundowns ithuba lokuza kithina,” kubeka uJohnson.

IChiefs izoqeda iminyaka eyisishiyagalolunye ingayinqobi indebe.

“Angeke siziqhathanise neSundowns ngoba thina siyakha lapha kuChiefs. Okwesibili ngezinyanga eziyisikhombisa ngilapha kuChiefs. Njengamanje amaqembu kumele ngiphakamise izinga ukuze sizovala igebe kuSundowns esanda kunqoba isicoco seligi. Okwesithathu kumele sizehlise sibabongele ngomsebenzi omuhle abawenzayo.” kubeka uJohnson.

Scroll To Top