Now Reading
Uyibona ikuMTN8 iChiefs uThabizolo
Dark Light

Uyibona ikuMTN8 iChiefs uThabizolo

Silobizela ukuqeda kuTop 8 isitobha seKaizer Chiefs uGiven “Sgiva” Msimango.

Amakhosi azobhekana neMamelodi Sundowns namuhla ngelesi-7.30 ebusuku emdlalweni weDSTV Premiership ozoba seFNB Stadium, eNasrec, eGoli.

IBrazilians isethubeni lokuqeda ngesicoco seligi uma iphumelela namuhla ebusuku. Ngakolunye uhlangothi, iChiefs ilwela ukuqeda ibalwa namaqembu ayisishiyagalombili aphezulu ku-log.

UMsimango exoxa nabezindaba ngaphambi kwale ndumezulu yomdlalo ukubeke kwacaca ukuthi bafuna ukuqeda kuTop 8.

“Isifiso sethu wukuqeda endaweni engcono kulogi. Ngesikhathi kuqala isizini besifuna ukunqoba isicoco seligi. Ngebhadi izinto azihambanga ngendlela ebesifisa ngakhona. Sizithola sikule simo esikusona manje. Kumele sibhekane naso njengoba sinjalo. Asizimisele ukuphuthwa yiTop 8 okuyinto eke yenzeka kumasizini adlule. Okuhle wukuthi sibophele abadlali abaseqophelweni eliphezulu futhi abahlale belwela impumelelo ngaso sonke isikhathi,” kuchaza uMsimango.

Amakhosi ayibambe endaweni yesishiyagalombili kulogi yeDStv Premiership.

See Also

“Umdlalo siwubheke ngamehlo abomvu. Siyazi nabalandeli bawulangazelele iNingizimu Afrika yonke. Sibhekene neSundowns okuyiqembu elikhonze ukubeka ibhola phansi. Ihambela phezulu ngemuva kokudla iTS Galaxy FC emdlalweni wayo odlule. Nathi ukuzethemba kwethu kuphezulu kulandela ukuguqisa iSuperSport,” kuqhuba uMsimango.

Ngempelasonto, iZimpofana zithele othulini iSuperSport United ngama-2/1 ePeter Mokaba Stadium, ePolokwane emdlalweni weligi.

“Okusiphazamisile ekutheni silwele izicoco ezinkulu kule sizini wukungabi namgqigqo. Sizenzele phansi. Kulesi sigaba uyadinga ukusebenzisa ithuba nethuba olitholayo ukuze uzoba sethubeni lokunqoba imidlalo bese uba sembangweni wesicoco seligi. Thina asizange siwasebenzise ngendlela amathuba ethu. Lena yinto esihlose ukuyilungisa kungakhathalele ukuthi iqembu lenza ziphi izinguquko,” kubeka uMsimango.

Scroll To Top