IChiefs ixhumane nomqeqeshi odabuka eSpain
Usuqalile umshikashika wokuthungatha umqeqeshi omusha iKaizer Chiefs.
Amakhosi azoqeda isizini yesishiyagalolunye ephikwa yimiphumela futhi engayazi indebe.
Kuleso sikhathi aseshintshe inqwaba yabaqeqeshi ngaphandle kwenhlanhla. IChiefs yagcina ukuphakamisa isicoco ngowezi-2014/15 ngaphansi kobuholi bukaStuart Baxter.
Yakhala yemuka nesicoco seMTN8 neDStv Premiership. Ngemuva kwaleyo sizini iChiefs iqashe uSteve Komphela.
Ibhantshi ligcwale umoya ngemuva kwamasizini amathathu ephikwa yimiphumela.
Indawo yakhe ivalwe nguPatrick Mabedi kwaze kwaphela isizini. Ngelandelayo, iziMpofana ziqashe uGiovanni Solinas odabuka kwelamaNtaliyane.
Naye uhlulekile wukushintsha imiphumela. Kubambe uMabedi kwaze kwaba kutholakala u-Ernst Middendorp.
Ungene ehlazweni eshaywa yiTS Galaxy kowamanqamu weNedbank Cup ngowezi-2019 eMoses Mabhida Stadium, eThekwini.
Kuthe kusenjalo walahlekelwa yisicoco seDStv Premiership ngosuku lokugcina ngesizini elandelayo.
Ukhonjwe indlela isikhala sakhe sathathwa nguGavin Hunt. Naye ufike waphikwa yimiphumela izinyawo zagcina zigcwala udaka.
Kuthe kusenjalo iChiefs yalanda uBaxter kodwa naye izinto zangamhambela kahle. Indawo yakhe ithathwe ngu-Arthur Zwane.
Ngemuva kwesizini uZwane wehlisiwe esikhundleni sakhe kwathi izintambo zathathwa nguMolefi Ntseki.
Akazange aqede ngisho izinyanga eziyisithupha zamkhalela. Kungene uCavin Johnson okunguyena obamba izintambo njengamanje.
Naye ziyamdumela njengoba iqembu lingenzi kahle ngaphansi kobuholi bakhe.
ElaboHlanga selihoshe izindaba zokuthi isikhulu seChiefs, uKaizer Junior Motaung useke wathinta imenenja kaCaneda waseSpain.
“Emavikini amabili adlule uKaizer Junior uke waxhumana nemenenja kaRaul Caneda odabuka eSpain. Lo mqeqeshi unamava kwazise useke walekelela uPep Gaurdiola kuManchester City egijima ku-English Premiership League. Ngesikhathi ekhuluma nemenja kaCaneda uyibuzile izimfuno zomqeqeshi waphinde wacela ukuthi bahlele umhlangano ophuthumayo,” kubeka umthombo.
UJohnson ulandwe kuChiefs phakathi nesizini ukuzokwangamela izikhungo zenkulisa kuleli qembu.
“Ngaphandle kukaCaneda, iChiefs ixoxa nabanye abaqeqeshi ababili bangaphandle. Okwamanje imininingwane ngabo ayikacaci kahle,” kuqhuba lo mthombo othembekile.
UCaneda oneminyaka engamashumi amahlanu nanhlanu iminyaka usebenze noGaurdiola kuMan City njengomqeqeshi ohlaziya izitha.
Amanye amaqembu ake asebenza kuwona iReal Sociedad, ne-UD Almería okungamaqembu amabili adlala kuSpanish La Liga.
Lolu qweqwe lomqeqeshi oluphethe iziqu ze-Uefa Pro Licence ne-Uefa A Licence like lacija i-Al-Ittihad Club ne-Al Nassr FC okuyizikhondlakhondla zamaqembu aseSaudi Arabia.
Njengamanje uCaneda alikho iqembu abhaliswe ngaphansi kwalo.