Now Reading
Anginabo ubudlelwano nomqeqeshi weqembu lesizwe – uMokwena
Dark Light

Anginabo ubudlelwano nomqeqeshi weqembu lesizwe – uMokwena

Umqeqeshi weMamelodi Sundowns uRhulani Mokwena usekubeke kwacaca ukuthi akahoshelani nomqeqeshi weBafana Bafana uHugo Broos.

Impi kaMokwena noBroos yinto eyaziwa ngisho ingane encane. Ngaso sonke isikhathi uMokwena uhlale ekhala ngabadlali bakhe ababuya kwelesizwe belimele noma ababizwa benemihuzuko.

Lezi zinkulumo zikaMokwena zihlale zingehli kahle kuBroos odabuka kwelaseBelgium.

“Azikho izingxoxo ezikhona phakathi kwami neSafa. Empeleni anginabo ubudlelwano nomqeqeshi weqembu lesizwe laseNingizimu Afrika. Mina okwami ukugxila kwengikwaziyo kuphela,” kuchaza uMokwena.

ISundowns ibinabadlali abayisishiyagalombili kuBafana ngesikhathi kuqhubeka i-Africa Cup of Nations (Afcon).

UThapelo Maseko ubuye elimele kwathi uTeboho Mokwena noKhuliso Mudau babuya nemihuzuko.

“Angifuni ukulwa namuntu manje ngoba uma ngike ngaqala kuzoba sengathi ngilwasana nabantu abathize. Ngakho angifuni nokuyikhuluma indaba yabadlali beSundowns neBafana Bafana. Umsebenzi wami wukwenza isiqiniseko sokuthi abadlali bami bawumqemane, badlala ibhola elisezingeni eliphezulu futhi bayakwazi ukuthola imiphumela,” kubeka uMokwena.

Ngenyanga ezayo, iBafana izodlala imidlalo yokuhlungela ukuzibekisela indawo eNdebeni yoMhlaba ezoba seMelika, Canada naseMexico ngowezi-2026.

UBroos kubhekwe ukuthi abize inqwaba yabadlali beSundowns. Bavele sebedlale imidlalo engaphezu kwengamashumi amahlanu kule sizini.

NgoLwesibili iSundowns iqhubekile nerekhodi layo lokungadliwa emidlalo engamashumi amahlanu kweyeligi.

Ithele othulini iRoyal AM ngama-2/0 eHarry Gwala Stadium, eMgungundlovu emdlalweni weDStv Premiership.

Amagoli eSundowns abhanjiswe ezintanjeni nguPeter Shalulile noLesiba Nku.

See Also

“Mina ngiyilolu hlobo lomuntu oluhlale lukhala ngaso sonke isikhathi. Abadlali bayakwazi lokho. Yingakho umehluko ungabonakali noma senze inqwaba yezinguquko. Uma sicija iqembu sisuke singaciji abadlali abayishumi nanye kodwa sicija iqembu lonke,” kusho uMokwena.

ISundowns ibheke ukuziqophela umlando manje ngoba iligi ivele isiyinqobile.

“Kunezindlela ezimbili zokubuka le nto. Umlando awunawo amakhasi angenalutho. Nakanjani umlando uyohlale ulikhumbula leli qembu. Angazi ukuthi umlando uyobhalani kodwa kukhona into ozoyibhala ngaleli qembu,” kulandisa uMokwena.

Yize iSundowns yenza izimanga kodwa uMokwena uhlale ekhala ngokunganakwa.

“Okwesibili ngiwumuntu othanda kakhulu izilwane. Ngiyaye ngichithe isikhathi esiningi kuthelevishini ngibuka izinhlelo zakhona. Ngifunda lukhulu ngemvelo nokuthi izilwane ziphila kanjani endle. Muva nje ngike ngabuka ukhozi luhlulwa ngesinye isilwane ebesilokhu sihlala ezimpikweni. Ukhozi luvele langalwa. Kunalokho luvele landizela phezulu okuholele ekutheni lesi silwane siphelelwe ngumdlandla. Isifundo engisifundile ukuthi noma abantu bangakhuluma kabi kangakanani ngawe kodwa bazibe. Wena enza lokho okwazi kangcono ngoba uzofika phezulu esicongweni lapho angeke bakwazi ukufinyelela khona,” kuphetha uMokwena.

Scroll To Top