Now Reading
URamovic ubona uParker njengesibonelo kwabanye abadlali
Dark Light

URamovic ubona uParker njengesibonelo kwabanye abadlali

Umqeqeshi weTS Galaxy FC uSead Ramovic akawuvali umlomo ngesihlabani somgadli uBernard Parker.

Ekuqaleni kwesizini uParker ulimale kabuhlungu ngesikhathi ezakhe zibhekene neSundowns emdlalweni weCarling Knockout Cup eMbombela Stadium, eNelspriut, eMpumalanga.

Abathandi bebhola babezitshela ukuthi sekuphelile ngoParker kulandela ukuphuka kwakhe unyawo.

NgoMsombuluko, uParker ubonakale okokuqala selokhu alulama ekulimaleni ngesikhathi iRockets etitinywa yiSundowns ngo 3-0 eLoftus Versfeld Stadium, ePitoli.

Ungene esuka ebhentshini wafika wageja iphenathi. Exoxa nabezindaba ngemuva komdlalo weSundowns uRamovic utshele abezindaba ukuthi okwenziwe nguParker uyokukhohlwa efile.

“UParker uyisibonelo esihle kithina sonke. Akulula ukubuya ekulimaleni okufana nokwakhe. Bancane abantu abebezitshela ukuthi angabuya ngokushesha okungaka ngenxa yeminyaka yakhe. Usenike ithemba kubadlali abaningi ukuthi noma ungalimala kabi kanjani kodwa kusangenzeka noma yini. Sinenhlanhla futhi sibusisekile ukubona lezi zimanga ezigilwe nguParker,” kuchaza uRamovic.

See Also

UParker uneminyaka uneminyaka engamashumi amathathu nesishiyagalombili. Le ngwazi isikwenze konke ebholeni elikhokhelayo eNingizimu Afrika.

“Kumfanele ukubuyela eqenjini. Wenze ezibukwayo uParker. Ukhombisile ukuthi uma uphila impilo eqondile futhi ucabanga izinto ezinhle neziyaphambili ayikho into ongeke ukwazi ukuyenza. Sijabule ngokubuya kwakhe eqenjini.” kuphetha uRamovic.

Scroll To Top