UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Inkundla obesekuphele isikhathi ingasebenzi uMhlathuze Sport Complex kulindele iqale ukusebenza ngemidlalo yeKZN Premier's Cup.
Kuvela ukuthi impi kaCebekhulu noSambu kungenzeka ibuyele eringini.
UKhulekani Shezi oyisitobha seSekhukhune United kubukeka emancane amathuba okuthi usezophinde aligqoke ijezi laleliqembu.
UWatenga ulimale kanzima ngesikhathi izwe lalapho adabuka khona i-Uganda idlala umdlalo wobungani neMorocco.
Akasekho emhlabeni umgadli weLiverpool FC ongowokuzalwa ePortugal uDiogo Jose Teixeira da Silva owaziwa kakhulu ngokuthi uDiogo Jota.
IMagesi FC esanda kuhlukana no-Owen Da Gama obengumqeqeshi wayo, isithole umqeqeshi omusha.
Kubukeka kuyimithandazo kuphela engenza iqembu laKwaZulu-Natal iMidlands Wanderers FC, ikwazi ukudlulela kowandulela owamanqamu emidlalweni yamaPlay-Offs…...
ISekhukhune United isiphinde yamemezela ukuthi isihlukane nomunye umdlali.
Uqokwe ihlandla lesibili njengosihlalo weKwaZulu-Natal Rural Horse Racing.
UThulisile useqokwe emidlalweni emine njengomdlali wosuku ovelele kwi-TNL.
UZwilenkosi Magudulela ufunga uyagomela ukuthi uSabelo "Mkhonto" Cebekhulu uzobajabulisa abathandi besibhakela.
UClinton Larsen kuvela ukuthi nguyena ozobe ehlezi ebhentshini le-Venda FC njengomqeqeshi omusha.
UCele noThalente Mbatha benze indumezulu yomqhudelwano ozobaKwaMashu kulempelasonto iThabo-Thalente Games.
Ogaqede esokuba uMengameli weKwaZulu-Natal Athletics (KZNA) uMandla Mngomezulu uhlela indumezulu yomqhudelwano ngakubo eHluhluwe.
IMilford FC kuvela ukuthi baningi abadlali engeke ibabuyise ngesizini ezayo.
Ibamba leMeya lithi bazoyilwa lempi yalabantu abafeza izimfuno zabo ngamanzi engabe atholwa umphakathi.
USteve Barker ongumqeqeshi weStellenbosch FC kumjabulisile ukuthi bakwazile ukudlela phambili kwiNedbank Cup.
Omunye wabaqeqeshi ba-AmaZulu FC uVusumuzi "Kanu" Vilakazi, udalule ukuthi kuyamjabulisa ukubamba umgqigqo okuyinto ekade ibalimaza kakhulu ezikhathini ezedlule.
Uhluleke nawukuzibamba wakhihla isililo uNks uThandi Mbhele, obekuzovulwa indlu yakhe entsha eseFrere.
NgoNhlangulana ezimpini ezabe ziseDundee kwamphoqa ukuba ayishiye phakathi impi waphuthunyiswa esibhedlela.
Yenyukile imali ezotholwa abazonqoba ebangeni lika-52km.
Bachonywe uphaphe lwegwalagwala othisha bakuMasipala uPhongolo ngokungalali beqinisekisa ukuthi izingane ebezenza umatikuletsheni nyakenye ziphumelela ngamalengiso.
Bangama-96 abahlomule ngemifundaze eNkandla.
Umakadebona kwikarati uShihan Bongani Gumede ukholelwa ukuthi iligi yalo mdlalo ezosungulwa maduze izoba nezithelo ezinhle.