Now Reading
Umqeqeshi weStellies uthi bakulungele ukubhekana nanoma iliphi iqembu kwiNedbank Cup
Dark Light

Umqeqeshi weStellies uthi bakulungele ukubhekana nanoma iliphi iqembu kwiNedbank Cup

USteve Barker ongumqeqeshi weStellenbosch FC kumjabulisile ukuthi bakwazile ukudlela phambili kwiNedbank Cup, emva kokuhlula iPolokwane City ngamagoli amabili eqandeni kumdlalo obuyizolo kusihlwa.

Bekuwumdlalo omqoka kulo mqeqeshi njengoba ubeqeda imidlalo eyama-300 eqeqesha esigabeni esiphezulu.

Lo mqeqeshi waqala ukuqeqesha esigabeni esikhokhelayo ngonyaka wezi-2008 eqeqesha i-University of Pretoria (Tuks) kaze kwaba unyaka wezi-2014. Emvakwalokho wajoyina AmaZulu FC kwaze kwaba unyaka wezi-2016, wasuka weza kwiStellies.

Amagolu eStellies eze noBulelani Nikani okube umkhonto ogwaze ekhaya, elesibili lize noDevin Titus.

Ukunqoba kwalaleli qembu kusho ukuthi selibalwa namaqembu amabili adlulele kwi-Last 8 yeNedbank Cup, amanye amaqembu eselidlulele phambili iSuperSport United.

See Also

“Abafana badlale kahle kakhulu kusukela kwisiwombe sokuqala, kwaze kwaba isiwombe sesibili. Ngiyajabula ukuthi sidlulele kwisigaba esilandelayo, silindele ukubhekana nanoma iliphi iqembu. Kungithokozisile ukubona umqeqeshi weBafana Bafana kulo mdlalo, okuyisikhuthazi esikhulu kubadlali ekutheni benze kahle” kusho uBarker.

IStellies, esiphenduke elinye lamaqembu ajwayele ukuhamba ibanga elide emiqhudelwaneni yePSL, kwiLast 32 yedlula kwiKruger United edlala kwiMotsepe Foundation Championship (MFC).

Scroll To Top