Ingozi yemoto idlule nomphefumulo kaJota
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Akasekho emhlabeni umgadli weLiverpool FC ongowokuzalwa ePortugal uDiogo Jose Teixeira da Silva owaziwa kakhulu ngokuthi uDiogo Jota.
UJota udlule emhlabeni emva kokuba sengozini yemoto kade ehamba nomfowabo, lengozi yenzeke eZamora eSpain namuhla ekuseni.
Kwenzeka lokhu nje ezinsukwini ezedlule ubefasa ifindo likasofasilahlane nalowo ongunina wezingane zakhe ezintathu. Udlula emhlabeni uJota nje ubeneminyaka yobudala engama-28.
Uqale ukuzibonakalisa ngesikhathi egijima kwi-Wolverhampton Wanderers FC, ilapho abonwe khona iLiverpool FC wabe esegqama kakhulu.
KwiLiverpool FC unqobe nayo iligi ye-English Premier League (EPL) ngesizini ka-2024/25, kumasizini amane ekuyona udlale imidlalo eli-123 wavalela phakathi amagoli angama-47.
Udlula emhlabeni nje usanda kunqoba i-Uefa Nations League nePortugal.

