Kumele siqhubeke nokugcina umgqigqo wethu: Vilakazi
UMaphumulo uyintatheli yezemidlalo.
Omunye wabaqeqeshi ba-AmaZulu FC uVusumuzi “Kanu” Vilakazi, udalule ukuthi kuyamjabulisa ukubamba umgqigqo okuyinto ekade ibalimaza kakhulu ezikhathini ezedlule.
Kusukela leli qembu likaSandile Zungu labhaxabulwa iStellenbosch FC ngamagoli amahlanu eqandeni, lidlale imidlalo emine okubalwa noweNedbank Cup likwaze ukunqoba emithathu ladlala ngokulingana kowodwa.
Ngeledlule koweBetway Premiership lihlule iMarumo Gallants ngamagoli amabili eqandeni, kule mpelasonto la maqembu azophinde atholane phezulu koweNedbank Cup. Lo mdlalo weNedbank Cup Last 16 uzobanjelwq eDr Molemela Stadium, eBloemfontein, kusasa ngehora lesi-3 ntambama.
UVilakazi uveze ukuthi lona umdlalo ongeke ube lula neze, kwazise akukapheli isikhathi esingakanani la maqembu kade ebhekene.
“Ibisihlukumeza kakhulu inkinga ebesibhekene nayo, okuwukuthi asikwazi ukugcina umgqigqo. Kodwa kuyangijabulisa ukuthi sesiwaphendulile amatafula kwimidlalo yethu yakamumva. Ngikhuluma nje sikwaze ukubuya namaphuzu ayisikhombisa emidlalweni emithathu okuyinto esifuna ukuqhubeka nayo” kusho uVilakazi obambisene no-Arthur “10111” Zwane kanye noSiboniso “Nini” Vilakazi.
AmaZulu FC azobhekana nomdlalo onzima kwazi iGallants izobe idlala ekhaya kanti izobe ifuna nokubuyisa izinduku.
“Ngeke kube lula neze ukubhekana neGallants, alikho iqembu elingafuna ukuhlulwa iqembu elilodwa kulandelana. Okunye ukuthi kunomehluko ukubhekana neqembu emdlalweni weligi nokubhekena nalo emidlalweni womkhumulajezi. Ngakho siyazi ukuthi bazowuhlelela ngenye indlela lo mdlalo” kubeka uVilakazi.
USuthu luyithemba lesifundazwe iKwaZulu-Natal, njengoba lusele neDurban City kulo mqhudelwano womkhumulajezi. Amanye amaqembu asele iMilford FC neRoyal AM, kumele adlale womabili inkinga yonke imidlalo yeThwihli Thwala (iRoyal AM) imisiwe.
Yize abalandeli beshaya amakhala ngamaphutha kanozinti uRichards Ofori, kodwa uVilakazi uthe basazoqhubeka nokumbeka ezintini.

